Umqokolo Isithelo - Esinenkovu Nothango Olunameva

© Raasgat
Umqokolo waziwa ngokuthi appelkoosdoring, umgokolo, Amagokolo, wild apricot, umqokolo, umkokola, Dingaan’s apricot noMotlhono. Umqokolo (D.zeyheri necommon sour berry (D. rhamnoides) ngezinye izinhlobo ezimbili zezithelo zomndeni weDovayalis. Umqokolo yisihlahla esihlale siluhlaza esimelana nesithwathwa nesomiso, sikhula sibephakathi kuka-3 no-5m ubude. Sitholakala emahlanzeni ezimfunda, ezindaweni ezomile, ezinkalweni ezinehlanze eligqagqene, nasemphethweni wamahlathi ezifundazweni zaseMpumalanga Koloni, KwaZulu-Natal naseLimpopo.
Umqokolo onameva wenza oluhle uthango noma umngcele (uma utshalwe wathothana wase ugundwa kahle) futhi unezimpande ezingasabalali. Wasiwa eNgilandi ngo-1838 wase uyasabalala emhlabeni lapho utshalwa khona njengothango ezivandeni ezisogwini-uyazibekezelela izihlabathi zolwandle nokufazwa amanzi alo. Izimbali zawo zigcwele umpe; ziheha izimvemvane nezinambuzane kanti izithelo zithandwa kakhulu yizinyoni nabantu bese amacembe imfuyo izitika ngawo.
Isithelo somqokolo siyadliwa, umongo wawo ugcwele inkovu futhi uyaphushuzela-ufana nebhilikosi kakhulu. Uvame ukungezelelwa kumasaladi, ukhiqiza nojamu omuhle futhi usetshenziswa nasemakhekheni noma wenziwe iziphuzo zenkovu yezithelo.
Ngokuvamile uthathwa njengokuthi umuncu kakhulu uma uwudla njengoba unjalo-umqokolo umnandi uma uwusika bese uwuvuvuzela ushukela ngaphambi kokuwudla. Uma ungakavuthwa unganongwa ngoviniga, amaqabunga awo angokuhle ukudla kwemfuyo. Uvuthwa kusukela ngoNcwaba kuya kuMfumfu futhi kuhle ukuwukha ungamahlukuzo (sebenzisa ummese) ukuvikela ukuhlatshwa.
Umqokolo uyakwazi ukumela isomiso nesithwathwa futhi uqhuma kahle embewini eqoqwe esithelweni esivuthiwe. Imbewu kumele ikhucululwe futhi yomiswe ngaphambi kokutshala.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Zoza Shongwe