Ukwehla Kwenhlonipho Nesikompilo Esikweni lakwaXhosa

UGoldie Qayiya usixoxela ukuthi abazali bakhe bamkhulisa kanjani abe ngowesifazane ohloniphekile,nokuthi lokho namanye amasikompilo sekuye ngokuya kushabalala.

Akufunda Ebunganeni

©Eric Miller
Sukulumbe,ngangisuka esontweni namame, la khona sahlangana nezintokazi ezimbili esezikhulile, uEster no Wesley, abama, ukuze sixoxe.Bathi kuMawam, ’indodakazi yakho ihlale iyinhle isihlonipha, isibuza impilo ngobuso obuchachambile.’ Okwamnika iqholo umame.Nami kwangijabulisa.Namanje ngisenenhlonipho enkulu yezintokazi ezindala. Zijule kanjalo izifundo zasebuncaneni.

Ukulahlekelwa Yisikompilo

©Eric Miller

Zazingcono izinto ngalezo zinsuku. Akusekho nhlonipho manje ngisho kwabona abadala balehlekelwe yisikompilo. Sonke asinaki futhi sikwemukele ukuthi uma intombi iyosebenza Egoli, ngiyafanekisa nje, kumele iphile impilo yeGoli futhi yona ize idlulele ukuze azizwe engowakhona. Ukhohlwa yiyo yonke imithetho yamasiko akubo. Kanti yiwo lamasiko ayesiqinisekisa siphephile.

Ngisemncane ngila eshumini leminyaka, ngangikwazi ukuyodlala eminyango ngimbhuncu. Kwakungekho bungozi bokulinyazwa nokudlwengulwa. Wonke umuntu odlulayo wayezibonela ingane nje qede azidlulele. Zazinhle-ke izinto ngezindlela eziningi.

Namhlanje indoda ebulale abantu iboshwa amasonto amabili, ithole ibheyili emva kwalokho. Aphinde ayobulala, ede eqhubeka. Siyabazi lababantu emphakathini wethu sihlala nabo. Yebo sikhulululekile kulezinsuku. Kodwa njengoba sesikhululekile ,abantu benzani? Izingane ziyabulawa kulenkululeko.