Ukushelana kwaXhosa

UTenjiwe Tutu no-Alicia Mdaka basilandisa ngokuthi bahlangana kanjani nabayeni babo, bakhumbula ngothando olwaluselusha.

Tenjiwe Tutu

©Eric Miller

Ngahlangana nomyeni wami ngisafunda u-Standard Four. Enkulumweni yethu yokuqala, akulunganga. Abanye bethu singabafundi besifazane sasizitadishela ngesikhathi sekhefu esikoleni sigxile kwi-arithmetic. Abanye abafana babeziyaluzela nje befika bezosiphazamisa.

Ngabhoka ngolaka ngibathethisa. “Uma nina ningazimisele ngokuphasa, mina ngiyafuna, ngakho-ke hambani la ngoba siyafunda,’’ ngitshela oyedwa wabo, uMzwandile Tutu, nanokuthi wayesemdala kakhulu ekutheni usangaba wumfundi, empeleni kumele ngabe useyasebenza. Ngangithi ngiyamdlalisa kodwa lokho kwamcasula kabi waze wafuna nokungishaya.

Ngokuhamba kwesikhathi ngafikelwa wukuzisola ngoba umqondo wabuya lapho ukuthi impilo ayimhambeli kahle. Izinkinga zakhe zazifana nezami. Ngaqonda kuyena ngafike ngaxolisa. Wathi kulungile. “Bengingaqondile ukukuphazamisa, bengithi ngiyazidlalela nje nawe,’’ washo kanje. Emva kwalokho ngaqala ukumthanda. Wayeyinsizwa ebukekayo.

Ngangisuka eKapa, abafana bakhona babedelela. Kodwa ngambona ukuthi akasilona lolo hlobo lomuntu. Wayebahlonipha abantu. Wayesebenza ngasekhaya, edlula njalo uma esegoduka.

Waqala wenza amahlaya uma edlula. Ngenxa yokuthi mina ngangisuke ngiphansi yena edlula ngaphezulu, wayevele angibingelele athi: “Sawubona, Miss Pannekoek.’’ Ngambuza ukuthi kungani engibiza nge-pannekoek. Wathi ama-pannekoek amnandi futhi ngiyawathanda. Yingakho ngikubiza nge-pannekoek.

Wabe esengibhalela incwadi engitshela ukuthi uyangithanda. Wanginika yona ngihleli nabangani bami. Nami ngambhalela incwadi ngimtshela ukuthi nami ngiyamthanda, kwaba kanjalo. Sabesesifuna ukushada, kodwa kwafuneka ukuthi ayoqala eyosebenza ezimayini eGoli iminyaka emibili eqongelela imali yelobolo. Ngangijwayele ukumbhalela izincwadi, e-Earthworks. Kwabe siyashada ngo-1964, saba ndawonye.

U-Alicia Mdaka

©Eric Miller

Ngahlangana nomyeni wami, isithandwa sami uZolile Edwin Mdaka ngesikhathi umama wami esahlala e-Upper Consitutional Street, eDistrict Six. Kwesinye isikhathi emva komsebenzi bengijwayele ukuhamba ku-Orange Street ngibheke kwi-Girls Union esontweni lethu elaliseduze, kuzona lezo zinsuku, ibhungu elibukekayo leza kimina, lathi: “Ngingakhuluma nawe?” Wayemamatheka kamnandi! Ngangibona nje ukuthi le kuzoba yinkinga.

“Ngiyaxolisa, ngishaywa yisikhathi, kumele ngihambe,’’ ngimtshela ngimbuka ngasehlombe lami, ngiphuthuma. Wavele wathi: “Kulungile. Kodwa singakhuluma uma usubuya.’’ Ngaqhubeka nomziba uZolile, yena eqhuba nokukhuluma name. Kwesinye isikhathi wayenokungiphelezela, sikhulume lokhu okungatheni. Kwathi ngelinye ilanga, wangimangaza.

Ngangineminyaka engu-19. "Alicia, ngiyakuthanda," washo kanje. "Futhi ngiyakuthembisa ukuthi ngeke ngidlale ngawe. Ngifuna ukukushada.’" Njalo wayehlezi enginika isiqiniseko sokuthi akasoze adlala ngami nanokuthi uyangithanda. Ngase sengiqala ukumuzwa uma ngehla ngomgwaqo wangakubo, okuyilapho engabona khona ukuthi sengathi ikhona inhlansi yothando. Ukubekezela kwakhe kwamsiza.

UZolile wabe esecela umfowabo omdala ukuthi azokhuluma nomama wami ngomshado. Sashada kanjalo-ke noZolile, ngahamba ekhaya. Kodwa impilo yayihamba kahle. Ngaleyo minyaka ngangijabule noZolile enginakekela. Uma ngise-Eastern Cape yena engekho, wayengithumela imali nezincwadi, ebuza impilo nanokuthi zinjani izingane nanokuthi sizobuya nini. Wayengithanda ngempela.