Ekufikeni kuka Otto ngamaholidi ka Zibandlela, sasithenga igusha ukuthakasela ukudilika kwakhe. Mina no Otto sasiya kwamakhelwane kubaba uMadondile simkhokhele amakhulu ama thathu noma amane bese kuthi ngaleyontambama amadodana kababa uMadondile bese alilethe igusha. Bese kuthi yena no Otto balinqume. Okwathi ekukhuleni kwamadodana ethu oVusi noPhumie, yibo ababenza konke.
Akukho nzima, yinto abakhula beyibona, ngakho bayazi kwenziwa kanjani. Sasibiza uzalo, abahlobo nomakhelwane bese siba nedili, kuhutshwe kugidwe, Umgqibelo wonke. Kwakuba impelaviki ehlabahlosi. Kwakuthi uma inyama isiphekiwe, sithi shaye phansi sendlale amacansi ethu, sihlale ngononina, nazi izingane tate emnyango nampa obaba begudle isibaya.
Sasiye sicoshe sonke amaqatha esithebeni. Izingqoko zaziqala emadodeni bese kugcine isibhuda. Iyona ndlela abakwaXhosa abadla ngayo iminyakanyaka. Sasinawo amapleti kodwa ayesebenza uma kuyimicimbi ewubukhazikhazi. Ayezihlalalela nje ekhabetheni ayoze aphume ngayo imicimbi yesimanje.
Uma kunomuntu obezivakashele nje naye uzizwa esekhaya. Akukho muntu oyisihambi makudliwa. Sasidlelana nomakhelwane bethu bonke. Sasifunde kanjalo. Kwakungekho ziqandisi kulezonsuku sasinezindlela zethu zekhethelo zokugcina inyama emva kokunqunywa kwegusha. Kuze kube yinamhlanje abantu abengenazo iziqandisi basenza njalo. Sasiqala sithathe izibindi, amaphaphu namathumbu siwawashe siwapheke.
Ngosuku olulandeleyo sisike imilenze ukuyethela ukuyoyipheka. Emva kwalokho bese umzimba wegusha siwufafaze ngosawoti. Bese leyonyama siyilengise esibayeni. Bese imbozwa ngamahlamvu, ukuze izimpukane zingezi.
Emva kwezinsuku cishe ezinhlanu lenyama isingumqwayuba, bese siyifake endlini bese siyigoqe ngendwangu siyibeke ekhabetheni. Zonke lezizinto zaziyigcina ingenasici inyama. Emva kwesonto nengxenye inyama yayisuke isuwumqwayiba wempela kodwa isabekeke kahle futhi isakulungele ukuphekwa. Saside sithi nswece sipheke usuku nosuku futhi noma ubani owayefuna ijuphana wayelithola.
Translated by Zikhona Plaatjie