Ukwakha impilo enhle yomndeni wakho

UFelicia Mfamana usichazela ngempilo yakhe Ekapa kanjalo nezinhlelo zakhe ukubuyela kubo emakhaya e Eastern Cape.

Imali ephelela endleleni

©Eric Miller

Imali esiphila ngayo iqhamuka kwimpesheni yami,enye eyesibonelelo nezimbili zezintandane. Ekuqaleni kwenyanga ngithenga ilayisi,ama weet-bix, impuphu, ushukela nakho konke okudingwa yizingane eskoleni; kuthi kungenwa kwelesibili isonto angisenamali.

Bese siyoboleka amakhulu amabili kumhlobo, okuthi mawuphela nawo, yithi laba siyoboleka futhi. Ekufikeni kwempesheni sekuphoqa ikhokhe lesikweletu. Izingane zami eziningi zazihlala eTranskei emva kokukhula.Indodana yami kuphela esaphila uSakhumzi esiwuthisha, usiza odadewabo ngoba abatholi msebenzi eTranskei nala eKapa. Bese ngiphinde nami ngibathi chathi kuyo le yempesheni yami imali.

Omunye wabazukulu bami oyintombazane uSesethu ohlala nami la Ekapa, uneminyaka engamshumi amabili nanye, futhi ufunda khona lapha edolobheni ePentech.

Okuyinto engijabulisa kakhulu. Wayeqashwe uhulumeni nyakenye nkashana kubalwa abantu, wayehola, nokho angifunanga sente kuye ngoba kwakumele akhokhele izifundo zakhe. Angazi yini empeleni ayifundayo ngqo. Angiqondi lutho mina. Engikwaziyo kunye ukuthi wenze into ayithandayo okuyinto enhle leyo.

Izinhlelo zaseEastern Cape

©Eric Miller

Angithandi ukuhlala eKapa.Sengifuna ukubuyela ezimpandeni zami eEastern Cape, ezweni lobaba.Ngeshwa u round owawakhiwe ngubaba uyabhidlika manje.Ngeke sisakwazi ukuphila kuwo. Sihlala kwamakhelwane, ezihlotsheni, ngesikhathi sisawulungisa.

UNomanani undodakazi wami omdala, ohlala khona,usakhonka phansi afake namafastela amakhulu nesicabha esisha, ngoba sesahlephuka esidala. Sihlela ukwakha indlu yestini ukuze sibuyisele lendlu kathayela eseduze kuka round. Umfana wami owuthisha uSakhumzi, uthe uzoyakha. Usezithengile izitini zisegcekeni.

Sesilinde aqale ukwakha. Emva kwalokho sesiyoba nendawo eyanele ngamaholidi umndeni uphelele. UNomanani ufuna ngibuyele khona eEastern Cape, ngoba sengingahlala nabafana bakhe ababili bese yena ayobheka umsebenzi e Queenstown, engekude nakhona.

Manje abanye abazukulu bami base Kapa bona ngeke bakwazi ukuphila impilo yonke e Eastern Cape. Uyabazi abantu abasha banjani. Bafuna idolobha, ngoba yilapho umsebenzi ukhona, yilapho bezithokozisa khona.