Uhambo olubheke eCofimvaba e Eastern Cape

UJo-Anne Smetherham usixoxela indaba yokuvakashela inhlangano oGogo Abalwa neNdlala neNgculazi ekhaya lika gogo u-Felicia Mfamana eCofimvaba e Eastern Cape eNingizimu Afrika.

Amakhaya Asebunganeni babo

©Eric Miller

Salidabula izwe lase Eastern Cape ukuze sithole uFelicia Mfamana, nokubona indawo lakwakhulela khona ogogo abaningana benhlangano yoGogo Abalwa neNdlala neNgculazi. Uhlelo kwakuwukuthi uFelicia sificane naye e bhange eAbsa eduze nakhona eCofimvaba.

Ekufikeni kwethu sabona umuntu omzimba wakhe mncanyana othe klwi, ngaphandle kwebhange, uma ubuka ukude lomuntu wayebukeka emncane ukuba angabizwa ngokuthi ugogo. kodwa lenkosikazi yayigqoke ibhaliyethe ebomvanyana esasijwayele ngayo uFelicia, ngokumangala masisondela nguye nebala. Wavese wathi: ’ngaze ngajabula senifikile’, esasile,qede wasethulela umakhelwane wakhe owayebukeka ejahile ukuzwa ngobani laba.

Sabe sesihlabela phambili imoto yethu esasiyiqashile, lapho –ke zikhisi kubhekwe la ayehlala khona. Kusekupheleni komhlaba khona,phela izakhamuzi zakhona azikwazi ukugibela ngesonto, ngoba amatekisi asuke engekho, kumbe makunetha. Kulelizwe lokhokho baka Felicia, kusesikhaleni othakasela ubuhle bendawu.

Owakhe umuzi usentabeni, bese kuba amahle amathafa aluhlaza phansi. Ngaphesheya amahlathi lakhona undodakazi wakhe uNomanani etheza khona, ebuye ethwele inyanda, bese kuthi ngale amangelengele ezintaba. Macala ekhaya kugcwele imizi eyakhiwe o round, bacakwe kahle,ngemibala yase Eastern Cape.

Kuthe cwaka ngaphandle kwemizwilili yezinyoni eziculela otshanini, nehelanyana lomoya, elide liqhamuka, nomakhelwane nxa ezidlulela bese abingelele. Konke okubakakile kuhle, nokho abako Mfamana njengeminye imindeni lapha eEastern Cape, bahlwempu lokhu okuxakile.

Ukudonswa Amakhaya Amabili

©Eric Miller

UFelicia unekhaya EKapa naleli elilapha emakhaya, okumele alinakekele. Udonswe yiwo womabili. Indawo yaseKhayelitsha ahlala kuyo ihlwempu kakhulu, imigwaqo iminyane yizindlu, uphinde athi ubugebengu budla amagalane. inhliziyo yakhe isemakhaya, inkinga nezingane eziseKapa ziyamdinga.

Emva kwalokho samthatha ukuyobona udadewabo osesigodini esiseduze nakwakhe. okuthe uma imoto yethu seyehlulwa indlela embi, samehlisa.Wabe esethi: ‘khululekani ,akukho nhlobo kude, sengifikile’, esho ngobuchachambile ubuso. Sambuka njalo ehla entabeni,anyuke kwenye, egcwele umdlandla eshesha futhi, ngaleyondlela yakhe yokuzizwa esimazi ngayo.

Phela wayenendlela yakhe yokuhamba, nakuba wayeya ngokuya eba yisithunzana nxashana ewela amaqele nokho sasikwazi ukumbna, sibonga ibhaliyethe yakhe eyayibomvanyana esasibona ngayo ithi shalu.