Nakuba ngangiwumama wezingane ezimbili ngabuyela eskoleni,ngingena ama kilasi asebusuku, ukuze ngiqede umatikuletsheni wami, okuwunyaka wokugcina esikoleni. Ngangibuyele ngenxa yezingane zami. UVusi noThumela, abadala ezinganeni zami ezine, babenqaba ukuya esikoleni.
UVusi wayelokhu ethi: ‘ngifuna ukuthola umsebenzi njengobaba’. No-Thumela naye athi; ’nami’. ’Sibaluleke ngani isikole? Ngimdala manje sekumele ngisebenze imali. ‘Lutho’ ngabatshela kanjalo. ’Nibuyela khona. Imfundo ingukhiye wekusasa lenu. Nimelwe ukulandela ezinyathelweni zami nithole iziqu ezinhle.’ Babengayizwa yonke leyonto, yikho ngaqoma ukuba yisibonelo kubo.
Ngangineziqu zobuthishela, kodwa ngangingasiqedanga isikole,ngoba phela sisebancane wawukwazi ukuyofunda ekolishi lobuthishela uma nje usuke wanebanga esikoleni samabanga aphezulu. Manje sengiwumama ngakhetha ukubuyela esikoleni samabanga aphakeme.
Ngangazi ukuthi izingane zami zizolandela ngenxa yokwesaba ukuhlulwa ngunina. Abahlali base Oamata base beshilo ukuba akube nesikole sasebusuku nenkosi yendawo yabe isivumile. Ngakho, iqeqebana lethu laya ukuyobona uthishanhloko, siyocela ukuba ngabafundi bokuqala.
Wabhala phansi amagama ethu njengabafundi bokuqala. Okulandelayo ngabe sengifunda nezingane zami. Abasha abangasiqedanga isikole nabo babekhona esikoleni sasebusuku. Ekungiboneni ngiza esikoleni kusihlwa babethi: ‘awu bandla ake nisibheke isaguga esidabukisayo. Sizohluleka ngoba siyisidala. Into kuphela akwazi ukuyenza ukugqula umbila enze impuphu ekhaya. Logogo bandla uzobhala ngonyawu lonwabu’.
Ngbatshela ezimpondweni. ’Ningalokhu nikhuluma ngami. Sisekilasini elilodwa sonke futhi ngizohlala-ke dade la. Nizongibona kusasa, isonto elizayo nangenyanga ezayo, ngisaqhubeka nokuza esikoleni, kungcono nixole nje bandla.’
Ngangiya kumaklasi njalo ebusuku, emva kokubuya kwabo kwawabo. Zonke izingane zami, abafana namantombazane ,babengisiza ngomsebenzi wasekhaya ukuze ngifunde. Ngangibakhulise ngobuqotho, njengendlela abazali bami ababengikhulise ngayo, babazi kumele benze ukudla, bawashe ba-ayine izingubo bashanele igceke. Sasinothisha oyedwa sinoVusi noThumela futhi sasiqophisana ukubona ubani ozothola amamaki amahle.
Uma uthisha esinike indatshana, sasiyibhala ndawonye ekhaya okwakuthi uma sesiyibuyisela ezinsukwini ezimbili, isilungisiwe,sasiye sibuke amaphepha ethu sibone ukuthi ubani othole ama-maki kakhulu. Kwakuvamise kube yimi. Babeye bathi.
’ayi, ayi, ngeke uMa wayefunde ezinsukwini zakudala.asikwazi ukumvumela asidlule. 'Ngabafundisa inani lesikole ,okwathi ekugcineni baphasa bonke.' Indatshana esayibhala ndawonye yayithi: ‘ungubani?’ Ngayibhala ngezinto ezimqoka empilweni yami ezabe zenzekile nezinto engangizithanda ngami.
Eyesibili indatshana yayithi, ’Injabulo’, eyesithathu yayithi.’ Chaza ihlathi namasimu.’ Kulezondatshana ngathola u 60 izingane zami zona zathola u 39 no 40 wamaphesenti. Ngangenza kangcono kunabo bonke abantabami.
Ngesikhathi sibhala ukuhlolwa kokugcina, Omunye wathola u A esiNgisini. kodwa Uthisha omkhulu wangitshela ukuthi, ’ Inqubo yoMnyango ithi kumele uphinde ubhale’. ‘Kodwa ngingayikopela kanjani indatshana emhlabeni bakithi?’, ngasho njalo ngebuhlungu inhliziyo le. ’Ucabanga kanjani Umnyango wezemfundo ukuthi ngingakopela incwadi?’ Ngiyazithandela isiNgisi futhi ngihlala ngisifunda.
Ngisho namanje sengiwugogo, nginencwadi engolimi lwesiNgisi futhi ngisebenzisa isichazamagama esisusa esiNgisini siyise esiXhoseni, engifunda kuso ukutolika igama liya kolunye ulimi. Ezinyangeni ezimbalwa ngaphinde ngabhala lokho kuhlolwa kwami kulokho ngaphasa ngo E. Okwaba yishwa uqobo.
Omunye wothisha wangitshela ukuthi abanye babaMaki babedakiwe ngesikhathi bemaka amaphepha ethu babeze basho izinto njengokuthi: ‘ngiyamazi lomuntu uhlakaniphile kabi. Ngizomnika ama-maki amahle,’ bese ephepheni elilandelayo bathi, ’Hhayi lo angimazi ukuthi ubani. Ngicabanga ukumehlisela kancane ama-maki.’