Izindaba zogogo –Into ezokwenza umamatheke

UThenjiwe Tutu usixoxela ngenjabulo ebunzimeni bakhe,okufana nokuhlala endlini yezitini bese uya enhlanganweni, OGogo Abalwa neNdlala neNgculazi.

Indlu enhle yezitini

©Eric Miller

Ekugcineni senginento ezongenza ngimamatheke. Senginendlu enhle yezitini. Ngacela uNkulunkulu angiphe indlu yesitini, kodwa enhlizyweni yami ngangesaba ngiyofela emjondolo. Okwathi abe People’s House Process bezongitshela angidilize umjondolo wami ukuze kwakhiwe indlu kulendawo, ngangindiza yinjabulo. Eyokungena nje kuyo yayiphupho kimi. Kunzima ukuphila emjondolo.

Makunomoya awulali ngoba ucabanga ukuthi umjondolo hhebhu upheshulwa ngumoya. EKapa futhi kunalomoya ongakhawuki. Omunye umfana wami wayaye avuke abambelele ezigxotsheni, zingaphephuki.Kuphela ubuthongo –ke uma kuzomele uvuke ubambe umjondolo wakho ebusuku. Uma liyidliva kubiza sibeke amabhakede embhedeni ukuze kunganethi izingubo, uma kubanda phandle uvese ube yiqhwa nomjondolo, kugcwele izimbungulu, ngenxa yaso sonke isihlabathi sase Cape Falts.

Mhla singena e Site C into yokuqala esayenza kwabe kuwukugoba siziklwebha sizinwaya imilenze. Sasivamise ukuthi. ’into yokuqala ekubingelelayo mawufika ekhaya zimbungulu’. ’Ngisahla e Site C, umjondolo wami wake washa sasala siyithi nje. Lokho-ke kuyinhlalayenzeka kwabaningi. Manje ukuba nekhaya eliqondile,Ngizizwa ngeneme ngaphezulu. Awu ngiyabadabukela abafa bengabubonanga lobubuhle osebenzeka.

Umondli Wekhaya

©Eric Miller

Enye yamadodakazi ami yedlula emhlabeni. Sengihlala nenye nondodana, nabazukulu bami ababili. Undodana wayengaphuzi elala kubo, kodwa manje usenomsebenzi omuhle usebenzela uhulumeni, bahlanza amapayipi, izitamkoko nezindlu ezincane.

Wakuqeqeshelwa ukukwenza futhi uyawujabulela umsebenzi wakhe, phela kwase kuyiminyaka emithathu ehleli engasebenzi. Inkinga baningi abakweletayo, abade bedonsa eholweni lakhe. Indodakazi yami ike icoshe amatohwana, ithole otikanyana abangatheni ngenyanga, abagcina bonke bengene emalini yokugibela eyosebenza.

Kubi lokhu ngokucabanga kwami. Lilonke nje sekuyimi esengondla ikhaya. Ngihola impesheni, ngithunge amajezi nonodoli enhlanganweni yethu yoGogo. Abantu bathenge umsebenzi wezandla wami bese sithole amasentshana. Sivamisa ukungabi neyanele kanti kunzima ukondla umndeni wonke. Nokho impilo kayisenzima njengendlela eyayinzima ngakhona yonke leminyaka eyedlule. Ngizama ukuthulula imithwalo yaphambilini qede ngihlabele phambili.