Ukuhlwanyela

© Marinda Louw

Ukusabalalisa

Ukusabalalisa kwenziwa ngembewu.

Indlela Yokutshala

Imbewu yezitshalo ze-beetroot ihlwanyelwa ngqo endaweni ejule amamilimitha angamashumi amabili. Imbewu itshalwe kumugqa ongamasentimitha angamashumi amabili ngolwahlukanisa futhi uma isikhula isuke inciphiswe ukuze izitshalo zingasetshenziswa ukugcwalisa izikhala. Imbewu ingahlwanyelwa kumathileyi embewe bese itshalwa uma isifinyelele amasentimitha ayishumi ubude. Lokhu akuvamile kwenziwa abalimi abakhulu bezohwebo njengoba ukukhiqizwa okuhle kudinga izitshalo ezingaba ngu-500 000 ehektheleni kanti le nqubo ibiza kakhulu.

Indawo evulekile

Izitshalo ekugcineni kufanele zihlukaniswe ngamasentimitha amahlanu kuya kwayishumi kuye ngobukhulu be-beet obufunayo. Batshalwe emigqeni engamasentimitha angamashumi amabili ngokwehlukana.Kufanele ushiye izitshalo ezingaba ngu-600 000 kuya ku-800 000 ngehektare. Lokhu kuphinda kuhluke kumkhiqizi nomkhiqizi kuye ngokusetshenziswa kwsitshalo okuhlosiwe.

Isikhathi Sokuhlwanyela

I-Beetroot ingahlwanyiswa unyaka wonke esimweni sezulu esinesilinganiso sangaphakathi Kodwa izitshalo ezinhle kakhulu eNingizimu Afrika zitshalwe kusukela ngoNcwaba kuya kuZibandlela.

Isikhathi Sokukhula

©Louise Brodie
Izinyanga ezimbili (amasonto ayisishiyagalombili) ama-beet amancane ama-40 kuya ku-50 mm ububanzi njalo ngezinyanga ezintathu (amasonto ayishumi nambili) ama-beet amakhulu angama-60 kuya ku-70 mm ububanzi. Uma kushiywe isikhathi eside kakhulu emhlabathini bangase baqale ukuqina futhi izinga lokuthengisa okusha liyancipha.

Isivundiso

Ngaphambi kokutshala futhi ngesikhathi sokulungiswa kwemibhede yokutshala, umquba kanye nokwabiwa kwemanyolo yenkukhu kungasetshenziswa enhlabathini engaphezulu kuka-200 mm. Emva kokutshala, imfucuza yemvelo ingasetshenziswa phezu kwendawo etshaliwe. Uma izitshalo sezihluma cishe amasonto amathathu emva kokuvela sebenzisa u-400 kg we-LAN noma isivundiso esilinganayo samanzi. Ngemva kwamasonto amathathu faka izinga elifanayo lenayithrojeni.

Ukunisela

©Marinda Louw
Nisela kancane emva kokutshala ukuqinisekisa ukuthi inhlabathini imanzi.Unganiseli kakhulu njengoba lokhu kuzovimba ukuhluma. Cishe u-25 mm phakathi nezinsuku eziyishumi zokuqala kufanele kube kwanele. Uma izitshalo zivela phakathi kuka-35 no-50 mm ngeviki kuzoba izinga lokunisela elifanele. Izidingo eziphakeme ezingama-50 mm ngeviki ziyadingeka uma amazinga okushisa enyuka.

Translated by Nsika Khoza