uLawulo lwesivuno se Beetroot

© Chris Daly

Igama lesayensi: Beta vulgaris
Igama elivamile: Beetroot noma Beet

Incazelo Yokutshala

I-Beetroot isitshalo esikhula kanye eminyakeni emibili. Phakathi nonyaka wokuqala wokukhula ivame ukuvunwa njalo inamaqabunga anesimo esifana nenhliziyo esiqwini esifushane samasentimitha ayishumi kuya kushumi nanhlanu kanye nezimpande ezivuvukalayo ezibizwa ngokuthi i-beet, okuyiyona nhloso yokutshalwa. Ngonyaka wesibili wokukhula, uma ushiywe emhlabathini uzokhipha imbali bese uveza imbewu.

Ukusetshenziswa

Amaqabunga e-beetroot angaphekwa futhi enze okunye okunomsoco okungadliwa endaweni yesipinashi futhi aqukethe uvithamini A. I-beetroot iqukethe novithamini C. Angaphekwa futhi adliwe efudumele noma ebanda njengeSaladi. Abuye enze umpe.

Izidingo Zomhlabathi Nokulungiselela

Inhlabathi yefenya ingcono kakhulu.Inhlabathi enobumba akufanele isebenziswe.Umhlabathi one-pH phansi kwesithupha awufanelekile. Umhlabathi omuhle une-pH phakathi kuka-6.2 no-6.8.
Ama-beetroot athanda inhlabathi enezinto eziphilayo. Imhlabathi kufanele ihlungwe, ihlanzwe futhi ilinganiswe ngaphambi kokutshala. Ngalesi sikhathi umanyolo kanye nomquba kungalinywa kuhlanganiswe ekujuleni okuyi-300 mm. Indawo okumele itshalwe ingahle igubhwe ngesandla noma ngomshini.Imigqa kufanele ibe yi-1200 mm ububanzi futhi ibe nobude phakathi kuka-200 no-250 mm phezulu. Imigqa kumele ibe umbhede olingeene ukuze utshale kahle.

Isimo sezulu

I-Beetroot iyimifino ekhula ezimweni ezipholile njalo ikhula kahle kakhulu emazingeni okushisa ka-14°C kuya ku-20°C. Ukukhula kuyancindezeleka emazingeni okushisa angaphansi kuka-5°C nangaphezulu kuka-26°C. Ingaphila uma kuneqhwa esilinganisweni kodwa lokhu kulimaza amaqabunga futhi ngaleyo ndlela kungavimba ukukhula nokuthuthukiswa kwe-beet phansi` komhlaba.

Izilimo

I-Wonder Early, i-Osprey, i-Crimson Globe, i-Detroit Dark Red, i-Merlin, i- Globe Dark Red, ne-Star 1105.

Translated by Nsika Khoza