uLawulo lwesivuno se Beetroot

© Marinda Louw
Preserved beetroot in recyclable containers.

Ukushintshanisa Izitshalo

Ukushintshanisa izitshalo kufanele kwenziwe njalo ekukhiqizeni imifino ukulwa nezilokazane ezikhathazayo nezifo.

Ukukhiqiza (amathani ngehektha)

Isilinganiso esiphansi: amathani ayishumi nanhlanu
Isilinganiso esingaphakathi: amathani angamashumi amabili nanhlanu
Isilinganiso esihle: amathani angamashumi amathathu nanhlanu

Ukuvuna

Ukuvuna kwenziwa uma i-beetroot ephakathi ifinyelela amamitha ayisikhombisa ububanzi. Ukuvuna kwangaphambili kwenzeka uma imakethe icela isithombo sebeetroot encane.
Ukuvuna kungenziwa ngesandla, kodwa iningi lokuhweba lisebenzisa imshini.

Isitoreji

I-Beetroot kufanele ipholiswe phakathi kwamazinga kushisa amane kuya kwamahlanu kanye nomswakama wesikhathi sehlobo ngaphezu kwamaphesenti angamashumi ayisishiyagalo lunye phakathi kwesikhashana ngemva kokuvuna ngangokunokwenzeka, okuvamile kungakapheli amahora ayisithupha okuvuna. Kodwa lapho izinga lokushisa nesimo sezulu siphakeme, khona-ke ukupholisa kufanele kwenzeke ngokushesha. i-beetroot ingagcinwa izinyanga eziyisithupha ezingeni lokushisa elodwa kuya kwamabili kweyodwa nomswakama wesikhathi sehlobo wamaphesenti angu-90+.

Izilokazane ezikhathazayo

Ulwembu, okuhlala emanzini nasemhlabeni, umswenya nama-Nematodes.

Izifo

Ezinye izifo ezivamile i–Cercospora,i-Leaf Spot,I- Scab, I-Brown rust, Isikhunta nokubola kwempande.

Translated by Nsika Khoza