IKapa bekuyindawo ehlukile kudala. Namuhla sekugcwele imijondolo kusuka edolobheni kuze kuyoshaya ezintabeni zaseHelderberg, ngaseFalse Bay. Kodwa kudala kwakungekho lutho kulezi zindawo, kungekho Gugulethu, Khayelitsha noma iMitchells Plain, lapho izindimbane zabantu esezithuthelene khona manje.
Yonke le ndawo kwakuyihlathi nje. Ngangihlala nomama wami eDistrict Six maphakathi nedolobha. Wayesebenza emajalidini emaflethini aseKloof, kuKloof Nek Road.
Kwesinye isikhathi wayebuye alale emsebenzini endlini yomqashi wakhe owayebizwa ngoNkk Orren. Wayengumuntu wesifazane olungile, uNkk Orren- uyena owangifundisa ukuthunga amaglove namasokisi namajezi engisawathunga nanamuhla.
Angizange ngiye esikoleni. Umama wami wayejwayele ukuthi: “Angifuni uye ezikoleni zamakhaladi.’’ Wayengafuni nokuthi ngidlale nezingane zamakhaladi. Ngangixakeka ukuthi yindaba enqabe. Ngakho-ke njalo ekuseni ngangijwayele ukuhamba naye uma eya emsebenzini, ngichithe isikhathi esiningi ngiqoqa endlini, ngishanela phansi, ngihlanza namagumbi okugezela.
Ngangikuthanda engangikwenza ngoba ngangizizwa sengathi kuyinto enhle ukuthi ngiyenze. Ugogo wami wangifundisa ingane yentombazane akumele ihlale ithi dekle phansi usuku lonke nanokuthi kumele sisebenze ekhaya, ethi: “Ngelinye ilanga uzoshada bese kudingeka ukuthi ukwazi ukunakekela ikhaya lakho kanjalo nezingane zakho, ube wumama.’’