Abazali bezalukazi ze-Gapa

Amalungu enhlangano i-Grandmothers Against Poverty and Aids group (GAPA) akhuluma ngabazali babo nezifundo ezimqoka azifunde kubazali nokusebenza kanzima nokuba nobubele.

UBeauty Skefile

©Eric Miller

Abazali bami babengasiphathi kabi kodwa futhi bengakhombisi intshisekelo enkulu ngathi. Angisazi isizathu salokho, kodwa babezitika ngezinkamba zikaFaro ngezimpelasonto, uyazi-ke uma uphuza, akukho okulungayo. Abangani babo babefika ekhaya ngezimpelasonto. Oyedwa wabo wayejwayele ukuwayinda i-gramaphone, kukhel umculo bese beyadansa, kuphuzwe kuqhume nohleko, zibuya.

Angikaze ngililokothe iwayini noma ubhiya. Sasingakhulumi kakhulu nabazali bethu ngokuthi yini esiyenzayo futhi sasingaqophisani nabo. Sasibahlonipha futhi sibathobela. Akekho owayezixaka ngami.

Ngangiya ekhaya uma ngiyodla bese ngenza noma yini engangifuna ukuyenza. Sinabangani bami sasihlangana ngokuphuma kwesikole sihambisane, kuyoqhuma uhleko endleleni. Hhayi ngoba kukhona okubi esasikwenza, hhayi futhi ngoba sasiyizingelosi. Sasingafani nezingane zamanje. Lezi zingane zamanje sezazi kakhulu.

UTenjiwe Tutu

©Eric Miller

Umama wami waye omelene futhi sisebancane uyena owayejwayele ukwenza wonke umsebezi wasendlini nasemasimini. Wayezilimela, etshale imifino, ekha amanzi, atheze esiphekele nokudla.

Uyena futhi owayesinda ekhaya ngobulongwe benkomo, kanjalo nezindonga ehlanganisa nokokuxova okuqinile ukuze izindonga zasekhaya zizoma isikhathi eside. Ingadi yakhe iyinhle. Ngikhumbula kahle kamhlophe ukuthi wayetshale amaklabishi, amazambane nezaqatha.

Umama wami wayenesineke ezinganeni zakhe kodwa uma uyihlongandlebe, wayecasuka bese eyasishaya. Umama wayedinga imali yezingubo, izincwadi zesikole nokunye kwezingane zakhe, ngakho-ke waphoqeleka ukuthi ashone eKapa eyobheka ubaba wethu. Ngangineminyaka eyisikhombisa noma eyisishiyagalombili ngesikhathi ehamba.

Wasivalelisa esesebhasini, nathi samvalelisa laze layosithela ibhasi, njengoba kusuke kwenza izingane. Kwaba buhlungu sesibuyela emuva ekhaya izinhliziyo zethu zibuhlungu kithina sonke sobathathu. Kungenzeka ukuthi umama wakho akanalutho kodwa awufuna ukulahlekelana naye. Kwakunzima.

U-Goldie Qayiya

Ubaba wami owayengithathela izinqumo ezibalulekile, ezishaya indiza izifiso zami. Kodwa ekugcineni lokho kwangisiza ngoba impilo yahamba kahle emuva kwalokho, yize ngadlula ebunzimeni. Khona nje ukuthi angizange ngizikhethele empilweni, kwaba buhlungu kimina. Ubaba akaze wakuyeka ukusebenza futhi angikaze ngambona ekhathele, yize ayengalali isikhathi eside.

Umama wayengumuntu ozithulelayo kodwa angikaze ngamphendula uma ekhuluma ngoba ekhaya asikhuliswanga ngaleyo ndlela, safundiswa ukuthi 'Ingane iyohlezi iyingane futhi kumele ihloniphe abadala.' Uma ethe, 'Goldie, hambisela abafowenu nodadwenu ukudla.' Ngangenza lokho akushoyo. Angikaze ngimgolozele, ngithi, 'Cha, angithandi' noma ngithi 'Ngikhathele.' Bayahlonishwa abantu abadala.