Ukubayi Sangoma

Nothando Kusukela sichaza ngendlela eyaphembelela ekutheni abeyisangoma.

Ubizo lwa Nothando

©Eric Miller

Ngise yintsha, ngangivame ukugula kakhulu. Ngelinye ilanga, ngisagula nginjalo, ngaphupha ngathi ngihamba ehlathi nezangoma eziningi. Ngelinye futhi ilanga ngaphupha ngathi ngizungezwe izangoma, ngase ngezwa izwi laba phansi lithi: “nangu uthisha wakho.” Kwavela isangoma eside, sibambe induku enezinwele zomsila we nkomo ekugcineni, le sangoma saphonsa phansi lenduku sathi: “ukusukela namuhla awuseyena uNothando.

Igama lakho elisha ngu Nomagqirha.” Kulelo phupha izwi laba phansi langitshela ukuthi le sangoma esizoba uthisha wami, igama laso ngu Solomon Gomono. Bangitshela ukuthi ngizohlangana naye e Uitenhage. Ngatshela ubaba ngaleli phupha. Abaphansi babengibiza, befuna ukuthi ngibeyisangoma. Akuphelanga sikhathi siningi sagibela isitimela sahamba say e Uitenhage siyobheka uSolomon Gomono.

Sahamba sibuza ukuthi uhlala kuthi, satshelwa ukuthi uhlala e-Gxapa, lapho asebenza khona. Nganela ukungena emnyango ngazizwa ngingcono. Lesi sangoma sasifana ncamashi nalo thisha engangimbone emaphupheni. UGomono wangibuka emehlweni, wathi ku baba, lengane ayinasifo senhliziyo, inobizo, kumele ibeyi sangoma.

Umsebenzi wokuhlanzwa

©Eric Miller

Ukuze ngilungele ukuqeqeshwa, kwakumele ngiqale ngihlanzwe, kunye nezinye izangoma ezincane ezazinobizo nazo. Kunamakhambi abamlwa esawanikezwa yile sangoma esasisiqeqesha. Ikhambi elilodwa likhiwa kwisihlahla ekuthiwa yi maphipha, lo muthi kwathiwa kumele siwufake ebhakedeni lamanzi bese siyawuyeka ulale. Elinye kwaku amaqabunga emphepho, nawo futhi kwa ku mele siyifake ebhaketheni elinamanzi siyiyeke ilale.

Ngosuku olulandelayo ekuseni kwatha asigeze ngala manzi analamakhambi. Kwakune mpande ekuthiwa isilawu, etholaka esigangeni, nayo kwathiwa asiyithathe siyifake emanzini bese siyagoqoza ize ibenogwebu, bese siyayiphuza. Emuveni kwalokhu sashisa impepho, sase sayimboza nge ngubo ukuze sibambe iphunga. Yilapho ke saqala ukubona imibono ebonwa izangoma kuphela.

Ngaphambi kwa lomsebenzi ngangi jwayele ukuphupha ngomkhulu wami osewashona. Koda kuthe masengisebinzise lamakhambi, ngazwa umoya engishaya ebusweni, phambi kwami ngabona umkhulu – kwakungathi umuntu wangempela. Umkhulu wangipha izibusiso wangitshela ukuthi ngikhethe umuntu okuwuyena ukuthi angafundise ngobungoma.

Ukuphila nokukhululeka

©Eric Miller

Emuveni komsebenzi, kunento ebalulekile eyenzeka. “dansani, nonke dansi,” washo umqeqeshi wethu, la kwakugcwele imindeni, nabangani bethu, ekuyibona abecula, beshaya nezandla. Sandansa sijabulile futhi sibonga nabaphansi. Nganineminyaka eyi 16. Ngangizwa ngikhululekile.

Manje njengoba sengimdala awukho omunye umsebenzi engiwenzayo ngaphandle kokubayi sangoma. Kuke kuphele amasonto amathathu kungena muntu ozofuna usizo. Ngosuku olulodwa enyangeni ngiye ngiyosebenza kwisikhungo sempilo e-Observatory. Kunezinhlobo eziningi zabantu ezize zizofuna usizo kimi lana.

Ngiphonsa amathambo, bese ngibatshela ukuthi yini engahambi kahle empilweni yabo. Abanye baye bacele ukuthi ngikhiphe imimoya emibi emizini yabo. Amaphupho wami anzima, futhi izinto eziningi engiziphuphayo ziyenzeka. Lokhu yelinye ithalente lokubayi sangoma.

Translated by Nwabisa Ngumbela