Abazali bami abakaze bangiphe imali,ngesikhathi sisahlala e Athlone ngangiye ngihambe ehlathini ngiya eskoleni.Sukulumbe ,ekugcineni kwalelohlathi,inkosazane emhlophe encane ngomzimba yangibiza ikwayo. Yathi: ’Woza la wentombazanyana’,’ngifuna ukukhuluma nawe’.
Yayibukeka inomoya omuhle, ngase sengiya kuyo. Yathi lentokazi ifuna ngiyisebenzele, ngiyiwashele ngiyipholishele i-stoep ngensipho yogoqo okwakuwashwa ngayo ngalezozinsuku. Angisayikhumbuli igama layo. Kusuka lapho ngayo kwayo ngoyisebenzela kathathu ngesonto.
Ngangihola isihlanu sosheleni ngosuku.Izinto zazingelula ngalezonsuku: ngesihlanu ngangithenga ushukela ,ikhofi,itiye nesinkwa.Kwakuthi uma abazali bengibona ngifika nalezozinto, babengibuza, ’uzithathephi zonke lezi zinto? ‘ngangivese ngithi,’ngizinikwe inkosazane yomlungu’. Kwakumnandi ukuba nalomsebenzi ngoba ekhaya sasinamandla amancane, imali-ke yayenza impilo ibe lula kimi.
Kodwa eqinisweni kwakungelula,ngoba ngangingasayi eskoleni, ngakho ngangingasafundi izinto ezazidingekile kwikusasa lami. Ngaleso sikhathi ngangingakwazi lokho kodwa. UMawam washona ngisamncane, ngisafunda amabanga aphansi. udadewethu omdala uNomabhulu Patience, waphenduka uMame kimi, okwenza-ke ngingabuzwa kakhulu ubuhlungu bokushona kukamame.
Kodwa sengineminyaka eyi -14 kumbe eyi -15 ngifunda ibanga lesihlanu eselibizwa ngo Grade 7, ngasiyeka isikole.Kunalokho, ngaziyela kubo kwabangani bami ukuze sizixoxele sidle amahlayi. Sasingaboni cala. kwakungekho masoka sasijabulela ukuzixoxela nje. Kodwa sasingayi eskoleni.