Owami ubaba wayendoda eqinile neqatha, lowo uVictor Thamsanqa Ngqono. Amehlo ami ayekuye futhi ngimhlonipha.Wayenguthishomkhulu wesikole samabanga aphakame kodwa njalo mayebuya eskoleni wayeya emasimini eyolima umbila, amathanga, nezitshalo futhi anakekele nezithelo.
Wamba impola isuka emfuleni ongekude kakhulu, ukuze kucheleleke amasimu akithi. Wayehlala esitshela ukuthi yena akakwazi ukubekezelela ingqondo yomuntu othi ulambile ngoba,’ mawuyindoda kumele ujuluke ukuze wondle umndeni wakho. ’Ngenxa yalokho asiyazi indlala thina.
Uma esheshe walala, wayevuka phakathi kwamabili athi, ngisayobheka zonke izinkasa. Ngehora lesibili ekuseni kwakwenzeka avuke, athi, ngisayoqinisekisa aziphumile izinkomo esibayeni’, kumbe, ’ngisathatha ugandaganda ngibuyela emasini.
Ngangazi akalali ngoba ngangiye ngimuzwe encokola nomame esephuma. ’Sthandwa sami vuka, vuka, kumele usebenze, uyazazela. kumele usebenze kanzima kakhulu’. Bahleke bobabili. Wayewathanda amancoko kodwa nje kwakuwumshini ozishintshayo, engakhathali.
Eminyakini elishumi phambi kokuba ashone,wathenga indlu entabeni, eyayinestolo eceleni sibizwa ngokuthi i-Deckert’s Hill Trading Store, okwakungesomlungu uMnu Groenewald. Kwakuyindawo enhle,kubonakala ubuhle bamathafa nezimfunda phansi namasimu aluhlaza.
Nangonyaka ka 1995, ashona ngawo esekhulile, wayesayisebenza lendawo,etshala ubhontshisi, amathanga, o peas, ibutternut amaklabishi no cauliflower. Wayengenazisebenzi ezazimsiza, yikho okwenza sisebancane safunda ukulima nokutshala izitshalo. Ngangikuthanda kabi lokho.
Ngenxa yokuthi ukudla kwethu okuningi kwakuvela emasini kwakwenza ubaba angalithinti kwakulithinta iholo lakhe. Kunalokho wayelibeka kahle endaweni ephephile. Kwakungekho mabhange kulezozinsuku, yingakho ubaba wami wazithengela isisefo, esasisibiza ngokuthi; ’yibhokisi lakhe eliphephephile’ kugcina iholo lakhe.
Wayengathathi lutho kulo. Wayaye athi kithi, ’ungabi yisela noma umahlaletsheleka.Yonke imali onayo ihlukanise izigaba ezintathu. Eyodwa eyokudla, enye eyokongiwa bese eyesithathu eyokugada umkhuhlane. ’Yingakho sasihlala sinokwanele.