Ngathi mangifika eKapa ngathola umsebenzi kwa Dodson, owaye umuntu olungile. uDoson wayehlala eGreen Point, lapho ngangimsebenzela khona kwaze kwaphela iminyaka eyisishagalombili. Ngangisebenza ngihlala kwakhe. Ingane zami zazihlala eGugulethu, ngangibabona makuphela isonto.
Umama owayehlala nabo waye ngumuntu olungile naye, lokhu kwa kungijabulisa. Unks. Dodson wahamba waya phesheya, lokho kwaba ukuphela komsebenzi wami. Ukuphelelwa umsebenzi kwenza ukuthi ngabisakwazi ukumkhokhela lomama owayegcina izingane zami. Ngaphoqeleka ukuthi baphinde eTranskei, bahamba bayohlala nomkhulu wabo.
Ubaba wayeyi ndoda ngoba wayena kekela izingane ezisihlanu yedwa, wayezithanda izingane zami ubaba. Mangabe izingane zithi azifuni ukuyo kolusa, wayeziyeka. Wayebaphethe kahle. Ngo 1972, emuveni kweminyaka eyisishagalombili, ngahamba ngayozilanda izingane zami. Ngangibakhumbula, ngababuyisela eKapa.
Ngangine minyaka engama 39, ngaphambili kwalokho ngangikaze ngisebenze emkhishini. Ngalesosikhathi ngangine zingane ezinhlanu, kepha ngangiphoqelekile ukuthi ngithole umsebenzi. Udadewethu uNeliswa engangizwane naye kakhulu, wathi uzozinakekela ingane zami, kunye nezakhe ezine. “Ingane zadade wethu, ngizozinakekela angeke balambe ngikhona.
Bazodla ukudla engikudlalyo, baphuze nobusi lwezinkomo zethu. Mina okwami kwaku ukuthumela imali yomfaniswano, izincwadi nako konke esikudingayo. Ngathi ngehla kule lo bhasi engangiligibela ngabe siba ngoba ngangizi ukuthi ngizohamba isikhathi esingakanani, ngishiya izingane zami ngasemuva.
Ingane zami zazikhuphi ngenkathi ngilala emakhishini? Mangibuzwa lokho kuvuleka amanxeba. Lomuntu owayegada izingane zami wayengazifuni. Kwa ukukhohlakala okuphindaphindene ukuhlukaniswa nezingane zethu. Manje mangabe bengenzi kahle, sicabanga ukuthi yingoba sasingekho bekhula.
Kwamele ngithathe ingane yami yokuqala ihambe iyohlala nomuntu engamazi eGugulethu. Lomama wayezenza ngathi ngumuntu olungile mayengibona. Ngelinye ilanga ngaya kwakhe ngiyo bona ingane yami eyayineminyaka emithathu ngalesosikhathi. Mangifika lomfazi wangipha isinkwa nes’phuzo, ingane yami yathi mayicela isinkwa wathi lo wes’fazane akahlale phansi usedle ngokwanele, kodwa ngabe ngibona ukuthi ingane yami ilambe ngempela. Kwangiphula umfelo lokhu.
Kuyinto ebuhlungu kakhulu ukukhula kwezingane engekho umama wazo. Ngazama ukusa izingane zami kumzala wami owayehlala emakhaya. Kodwa lokho akusizanga. Unks. uTruter wathola ucingo oluthi ngihambe ngiyolanda izingane zami kungekapheli amasonto amabili. Ngangingazi ukuthi ngizobathini, ngoba kwakumele ngiqhubeke nomsebenzi. uNks.
uTruter wathi angihambe ngiyobhekela zingane zami indawo ezizohlala kuyo, ngizobuya umsebenzi wami usekhona. Wayengidubukela, ethi mengabe bekukuyena ngabe ngihlala kwakhe nezingane zami, kodwa umthetho wawungavumi.
Translated by Nwabisa Ngumbela