Udaba Lwesalukazi Esadlula Ezivunguvungwini Zomhlaba

U-Goldie Qayiya uxoxa ngodaba lwakhe lokudlula ebunzimeni, ezakhela umuzi wakhe nokukhulisa izingane eyedwa kanjalo nokuthandana nomuntu okude.

U-Goldie Umakhi

©Eric Miller

Ngakhela umndeni wami indlu emijondolo yase-St Mark’s. Ngayakha ngendlela ejwayelekile yodaka ngixuba nobulongwe. Ngaqasha umuntu ukuthi angixovele udaka kwakheke okusazitini zodaka. Lezo zitini ezakhiwe ngodaka ngangizihambisa ngebhala ngiyozinika umakhi kanjalo namanzi emabhakedeni engangiwathwala ekhanda.

Ngesikhathi izindonga sezinyukile ngaziplastela. Sasebenza kanzima ebusika, okuyisikhathi lapho imvula ingekho khona. Ngemuva kwezinyanga eziyisithupha, sayiqeda indlu enekamelo lokulala, elokuhlala nekhishi.

Ukukhulisa Izingane Uwedwa

©Eric Miller

Ngesikhathi sisanda kushada, u-Otto waya eSaldanha Bay, eWestern Cape, eyosebenza eSaldanha Bay Canning Company. Akukho ayengakwenza. Ayengekho amathuba omsebenzi eTranskei. Wahamba iminyaka engu-23, ngaleyo minyaka sasibonana amasonto amathathu onyakeni, nakhona uma eseholidini.

Ngemuva kweminyaka emine sishadile, sekukhona uVusi, ingane yethu yokuqala, ngaya eLanga, eKapa naye ukuze sizoba seduze nomyeni wami safika sahlala nomamncane wakhe uNomalizo. Amaphoyisa ayehlezi esemgwaqweni efuna amapasi abantu, ngakho-ke kwakuphoqa ukuthi ngihlezi ngicashe endlini.

UNomalizo nezingane zakhe babenawo amapasi. “Ungahlala la kodwa ungagcaluzi emgwaqweni phakathi nesonto ngoba amaphoyisa azobopha,’’ engixwayisa. Kwakuba ngcono ngezimpelasonto ngoba amaphoyisa ayegoduka nathi sikwazi ukuya edolobheni. Lalilihle idolobha iKapa, ligcwele izitolo zezingubo nezenyama futhi kungabizi njengasezitolo zaseTranskei.

NoVusi ngangimuyisa kudokotela osezingeni ukuyohlolwa. Ngokuhamba kwesikhathi, u-Otto wangithengela umshini wokuthunga eKapa. Ngajabula kakhulu ngoba ngiyakuthanda ukuthunga. Kodwa ukuhlezi ngizivalele endlini kwakunzima, ngahlala eKapa inyanga eyodwa, emuva kwalokho ngabuyela ekhaya.

Ukunqoba Kothando

©Eric Miller

Eminye iminyaka yayiba nzima ku-Otto. Wake wathola omunye umsebenzi eKapa emahhovisi enyunyana yabasebenza ngokudla, esebenza nonobhala wenyunyana, uJan Theron. Babejwayele ukuhambela izinkampani lapho abasebenzi babesuke benokungaboni ngaso linye nomqashi, beyolungisa isimo.

Kwakunzima ku-Otto. Wayewuthanda umsebenzi wakhe, kodwa uma amaphoyisa ayembamba, ayezombopha, lokho kwakuzozibeka kuphi izingane zethu ezine nami? Njengoba kunzima endodeni ukuthi ihlale ngokuqhelelana nomfazi wayo, akukho esasingakwenza. Kodwa-ke sawathola amandla okwenza okwakumele kwenziwe.

Yimanje lapho sobabili sesiziphilela ngempesheni labo esesihlala khona sobabili, sichitha isikhathi ndawonye, sithola nethuba lokwazana kangcono. Sijabule manje ekhaya. Ngolunye usuku, ngatshela umyeni wami ukuthi sengifuna sishade okwesibili, ngibize abantu esibaziyo, abadala nabancane, ukuze bezobona ukuthi sesishada okwesibili.

Waphendula wathi: “Ngizogqokani kulowo mcimbi?’’ Mina ngathi: “Okunye okuzodingeka kulowo mcimbi yinkomo, inkomo- inkomo ethe xaxa- isiklabhu, ukuze kuzokhonjwa ngophakathi.’’ “Kumele siqale sifune umsebenzi-ke ukuze sizoqongelela leyo mali ngoba okwamanje akekho kithina osebenzayo futhi kuzodingeka imali eshisiwe,’’ kusho umyeni wami.

Ngamtshela ukuthi “Uyabona kodwa ukuthi wawunesikhwele ngami njengoba wanqaba ukuthi ngiyofundisa, kodwa manje usuyavuma?’’ “Yebo, ngoba usugugile,’’ kuphendula yena. “Akekho osengakushada manje.’’ Ngavele ngaphela yinsini, kwaze kwehla nezinyembezi.