Ukubhekana Nosizi Lokushonelwa Usesemncane

U-Alicia Mdaka, oyilungu leGrandmothers Against Poverty and Aids (GAPA) usilandisa ngahlangabezane nakho esakhula kokuthinta ukufa.

Ukuvalelisa Okokugcina

©Eric Miller

Kwakuwunyaka wami wokuqala esikoleni ngesikhathi ubaba wami, owayenguthisha, edlula emhlabeni. Ngangivele ngazi ukuthi uyagula, kodwa ngingazi ukuthi uguliswa yini. Kukodwa nje engikukhumbula kahle ngaleso sikhathi. Ngosuku ashona ngalo, wacela umama wami ukuthi: “Ngicela ungiphekela ukudla engingasoze ngakukhohlwa.

Ucele indodakazi yami ukuthi iyeke ukudlala kodwa izodla ukudla nami.’’ Wamphekela ukudla, kukhona inkukhu nemifino eyayikhiwe engadini- amazambane, izaqatha neklabishi. Ngesikhathi eseletheliwe ukudla kwakhe okwakusepuletini, umama wangibiza. UBaba wathatha isipuni esisodwa, mina ngathatha esinye, sonke sadla epuletini lakhe.

Ngemuva kwamahora ambalwa wadlula emhlabeni. Njengoba manje sengikhulile, sengiyabona ukuthi wayenzani ngaloluya suku. Empeleni wayengivalelisa. Eseshonile, ngangijwayele ukubuya esikoleni ngilande onodoli bami bese ngiya ethuneni lakhe ngiyodlala kulona.

Indlela exakile, ngoba phela ngangiseyingane, ngangivele ngijabule uma ngidlala kulona ithuna likababa. ‘Indawo yami yokuzithoba,’ ngangiyibiza kanjalo leya ndawo futhi ngihlale kuyona amahora. Kwesinye isikhathi ngangize ngilale kulona. Ngaleso sikhathi ngangingakwazi engangikwenza kodwa manje sekuyawenza umqondo ukuthi ngangiba ngcono emphefumulweni uma ngisendaweni okukhona kuyo yena.

Usiko LakwaXhosa

©Eric Miller

Engangikwenza ethuneni likababa kwakumphatha kabi umama wami. Mhlawumbe kwakumlethela usizi ngaphakathi enhliziyweni. Okunye futhi wukuthi wayekhathazekile ngami. Ngemuva kwalowo nyaka, nami ngaphasa esikoleni, ngahamba ngayohlala nogogo wami eTsolo, e-Eastern Cape.

Okunye futhi wukuthi umama wami waye sebenza emajalidini, kunzima ukuthi anginakekele ikakhulukazi emini. NgokwakwaXhosa, uma unina wengane esebenza, leyo ngane uyihambisa kugogo wayo, okuyibo abayikhulisayo ingane. Ngakho-ke ngaya kugogo wami eTsolo, ngafike ngenza izimanga esikoleni.

Lapho engafunda khona ukuba yimbongi- ngokosiko lwethu iyinyosi yenkosi, iyayihasha. e-GAPA, yimina imbongi yezalukazi, ngiziculele, ngigide sengathi ngiyibhungu. Wonke umuntu uyathuka uma engibona sengishaya engidume ngazo.

Izinsuku Ezimnandi Esikoleni

©Eric Miller

Uthisha owayengifundisa eTsolo, u-Agnes Kenu, wayejwayele ukusiculela, adanse uma esixoxela izitori ekilasini. Ngangikuthokozela lokho, ngimbuka. Waqala wabona ukuthi sengathi nami nginethalente elifana nelakhe. Waqala wangibiza phambili ekilasini, senza le migilingwane yakhe sobabili.

Ngenza kahle kakhulu esikoleni ngifundiswa uyena ngoba ngangishesha ukuzibamba izinto ayesifundisa zona. Esikoleni ngangingasiyo ingelosi, ngangibuya ngingane njengezinye izingane. Ngikhumbula ngelinye ilanga ekilasini, uthisha esaphumile. Ngagijima ngayohlala esihlalweni sakhe, ngamlingisela. “Manje-ke nizokwenza i-arithmetic,’’ ngitshela ikilasi, ngaqala ngabhala ebhodini. Kwahlekwa. Wabe esengenile ekilasini uthisha.

Angixolisanga kanje. “Ngiyaxolisa-ngiyaxolisa, ngiyaxolisa, ngeke ngiphinde ngikwenze lokhu engikwenzile,’’ kusho mina, ngibe ngibuyela edeskini lami. Kungenzeka ukuthi ngangigangile kodwa ngangingekho luhlaza futhi nothisha wami waqhubeka nokungithanda.