Izindaba Zezalukazi- Ukukhulela Emakhaya

U-Alicia Mdaka, Nothando Kbukeli noTenjiwe Tutu baxoxa ngokukhulela kwabo emakhaya, e-Eastern Cape, eNingizimu Afrika.

U-Alicia Mdaka

©Eric Miller

O-anti bami, uRobina noTheresa babehlala nathi endlini kagogo ewudaka nezingane zabo. Njalo babengithethisa, bengihlabe ngempama uma ngike ngona. Izingane zabo zazingoni futhi ngesingabo akukho okulungile engangikwenza yize noma ngangenza konke okusemandleni ami ekutheni umsebenzi wasendlini ngiwenza kahle, okubalwa ukusenga izinkomo nasemasimini.

Kukhona isigameko esisodwa esingiqedayo ngensini uma ngisikhumbula. Ngathunywa esitolo, kwaba khona into engiphazamisayo sengibuya, ngadlala ibhola. Sengibuyile ekhaya, ugogo wami wangihlalisa phansi, wangiyala ngokuhamba isikhathi eside uma ngithunyiwe. Amazwi akhe ahlala kimi unomphela. “Uyazi, mzukulu wami? Kubamba ezingelayo,’’ kusho ugogo wami. Lawo magama ngawafaka enhliziyweni, kungekudala nami ngazithola sengizingela, abantu benganakile.

Empeleni, ngangingazi ukuthi uqonde ukuthini ugogo. Hhayi, kodwa leyo minyaka yayingemihle futhi ngingaphathekile kahle nasempilweni, okwangenza nokuthi ngizibuze imibuzo emningi. “Ezinye izingane zijabule ngogogo bazo. Pho inkinga ikuphi kimina? Ngaqala ngamangala. Ngabe kukhona okuyinkinga ngami? Yisiphi isizathu sami sokuphila? Empeleni yini le engazalelwa yona?

UNothando Kbukeli

©Eric Miller

Ngikhule ngelusa imfuyo kababa wami, okubalwa izimbuzi, izimvu nezinkomo epulazini lakhe eKleinplaas, ngaseCradock, e-Eastern Cape. Kwakuyipulazi elikhulu ligcwele imfuyo. Udadewethu nami yithi esasiyigadile imfuyo, futhi sijabulile. Kimina, zazimnandi izikhathi zokukhula.

Ubaba wayeyindoda ecebile ngoba wayenemfuyo eningi. Umfowethu walibangisa eGoli eyofuna amathuba omsebenzi, lokho kwaholela ekutheni imfuyo kababa inakekelwe yimina nodadwethu. Ubaba wangikhipha esikoleni ngemuva kokuqeda u-Standard Three ukuze ngizomsiza.

Umama wayengajabule neze ngalesi senzo. Wathi: “Kuzodingeka uye esikoleni ngoba uzoyidinga imfundo empilweni yakho ngokuhamba kwesikhathi.’’ Kodwa ubaba, owayengithanda ngendlela eyisimanga, akazange ahambisane nokwakushiwo wumama, wangivumela ngelusa imfuyo.

UTenjiwe Tutu

©Eric Miller

Uma nixubile niyizingane, kuhlukene imindeni kodwa nihlala ndawonye, uma kukhona okungahambi kahle, uwena owokuqala osolwayo. Futhi uma useyingane, awuqondi ukuthi kungani. U-anti wami wayenendodana owayekhule kancane kunodadewethu futhi egangile. Uma bedlala ndawonye wayenokumshaya udadewethu ngoba azi ukuthi umdala kunaye.

Wayejwayele ukukhala bese eya ku-anti kodwa u-anti akushaye indiva ukukhala kwakhe. Ngangivele ngimdabukele uNomathemba. Kwakukhona nengane yentombazane eyayikhulile kunami, iwaqamba amanga. Yayinokutshela u-anti ukuthi ngikhulume amagama anenhlamba futhi ngihlala nabafana. U-anti wayevele athathe umshiza angibhambhabule, ngize ngilale phansi.