Langa limbe ngathuma indodana yami encane uPhumie ukuthi iyongithengela isinkwa noshukela esitolo. Ngesikhathi isibuya esitolo, ihamba endaweni eyayinotshani obude, laqala lana izulu. Ngemuva kwalokho laduma. Esethi usazama ukubuya, washaywa wumphezulu, wayeneminyaka engu-18 ubudala.
Abantu babuthelana emzini wami emva kwalokho, bathi bambonile umfana wami egijima, wawa. 'Awu Goldie, nxese,' kusho bona. 'Usakhona laphaya entabeni.' Ngesikhathi sifika kuyena, wayesethule. Kungenzeka ukuthi washona eqeda kushaywa wumphezulu. Kuhlezi kunengozi yokushaywa wumphezulu ehlobo e-Eastern Cape.
Namanje njengoba bengikhona ngoMashi, kuthiwa ushaye abambalwa. Kuyinto esesiyijwayele. Kodwa awusoze wakulindela ukuthi ungashaya owomndeni wakho. Ukufa kuyinto ekhona kodwa akujwayeleki.
Ngemuva kokuthi izingane zami ezimbili zibulawe yingculazi, ngazibuza umbuzo, 'Kungani kuhlezi kwenzeka kimina ngaso sonke isikhathi? Kungani ukuthi njalo ngemuva kweminyaka emibili eyodwa yezingane zami iyashona? Ngoba ngenzeni kodwa?' Ngakhuliswa ngendlela eqondile, kuphoqa ukuthi umuntu ehlezi enza okulungile ngaso sonke isikhathi, ngakho kwakungawenza umqondo ukuthi bonke lobu buhlungu babufika kimina.
Enhliziyweni yami ngaqala ngasola abazali bami ngoba ekuqaleni ngangingafuni ukushada. Nganginesifiso sokuba wumhlengikazi noma wuthisha kodwa umyeni wanginqabela. Manje nganginokuhlala ngicabange ukuthi, 'Manje njengoba senginezingane nale ndoda futhi ziyashona.
Yisiphi vele isizathu?' Nangesikhathi ngisadidekile, ngangazi ukuthi umyeni wayeyindoda eqotho. Naye kwakumphethe kabi ukuthi izingane zakhe ziyashona. Kodwa ukufa kwazo kwakungidla ngaphakathi. Ngangihlala endlini usuku lonke, ngizidlela amathambo engqondo, usizi lumi ngenhla.
Ukudla ngingakulokothi, ngingafuni nokuhlangana nabanye abantu. Ngangiziwashela izimpahla zami, ngihIanzi indlu negceke. Uma sengiqedile ukusebenza, bese ngibuyela endlini, ngizivalele, ngilale. Ngangazi ukuthi ukuthi akuhambi kakhle Ia kimina. Esikhaleni nje, ngabona ukuthi kukhona okumele kushintshe.
'Yini le engiyenzayo, wukuhlala nje ngedwa usuku lonke ngingenzi lutho?' ngizibuza lowo mbuzo. 'Angikwazi ukuqhubeka ngalolu hlobo. Kumele ngibuyele eKapa ngiyoba nomyeni wami. Kumele sixoxe sobabili sibone ukuthi yini le okumele siyenze.' Ngaba nephupho lokuqala ibhizinisi lami,ngaqala ngaba ngcono emphefumulweni. Ngabuyela eKapa, ngacela u-Otto ukuthi angithengele umshini wokuthunga wesimanje. Laqala kanjalo-ibhizinisi engangiphupha ngalo.
Cishe njalo ntambama, sasifunda iBhayibheli ndawonye. Ivesi elalisiduduza lisencwadini kaMphostoli uThimothewu, elithi, 'Ngokuhamba kwesikhathi uma iNdodana isizobuya, izingane ngeke zisalalela. Kuzofiwa kakhulu. Abantu bazokhonza imali.
' Safikelwa wumcabango othi, 'Pho kungani sicabanga konke okubi uma uNkulunkulu esinike iBhayibheli, okungesiyo nje incwadi ejwayelekile? Labhalwa abaphrofethi. Futhi zonke izinto ezenzekayo manje zikhona eBhayibhelini.' Saqala lapho-ke ukuba ngcono emphefumulweni. Ngaqhubeka nokuzithungela izingubo. Usizi lwami lwaphela kanjalo.