Udaba Lwesalukazi Ebesisebenza Lapho Kulahlwa Khona Udoti

UBeauty Skefile ulandisa ngokusebenza endaweni okulahlwa kuyo odoti ukuze ondle umndeni wakhe.

Ukusebenza Endaweni Okulahlwa Kuyona Imfucuza

©Eric Miller

Izimpahla ezindala, oplastiki basezitolo, ukudla osekubolile, izinkukhu esezibolile, imifino, kwesinye isikhathi nenja efile esiqala ukunuka- konke kubondelene kosekuqala ukubukeka njengentaba, okuyimfucuza, okwazi ukuyibona ukude. Iphunga ulizwa uqhamuka. Ngosuku lwami lokuqala, ngihamba nabanye besifazane endaweni okulahlwa kuyo udoti, ngavele ngagula usuku lonke ngenxa yephunga elalingabekezeleki.

Iminyaka engu-10, kusukela ngo-1972 kuya ku-1982, sisebenza endaweni kadoti. Umsebenzi wethu kwakuwucosha amabhodlela afile, amakhal’bhothi noplastiki sikudayise konke kumlisa womndabu waseNdiya uMnuz Faro owayekusebenzisa kabusha. Wayehlezi esilinde ngasendaweni yemfucuza. Uma kuwusuku olukahle, bengenza u-R30.

Ngaleyo mali bengikwazi ukuthenga isinkwa, pharafini, irayisi nempuphu. Kwezinye izinsuku sasiba nemali yokuthenga irayisi elincane kuphela. Yayingekho imali yokuthenga inyama noma imifino. Uma ngingazange ngiye lapho okulahlwa khona imfucuza, sasingabi nayo imali yokuthenga ukudla endlini. Ngisho nangezimpelasonto, uma ngingayanga, ikati lalilala eziko.

Uma unezingane, zihlezi zikufuna ukudla. Ngakho-ke kumele uhlezi uthenga isinkwa nokunye futhi. Abanye besifazane babekuthatha ukudla abakufice endaweni yemfucuza beyokudla nemindeni yabo, kodwa mina ngangingasoze ngikwenze lokho, soze.

Ukusizakala

©Eric Miller

Ngolunye usuku ngabona abantu becosha izingubo endaweni yokulahla udoti, nami ngaqala ngabalandela. Kusukela lapho-ke, zonke izingane zami zagqoka izingubo engizithathe kwimfucuza. Sazithatha lapho saziwasha. Ngesikhathi umzukulu wami uNosanelisiwe ezelwe, ngathola isikhwama esasigcwele amanabukeni endwangu, ngawawasha ukuze esosetshenziswa yingane. Kwesinye isikhathi abelungu bazibeka kahle lezi zinto, baziqoqe kahle esikhwameni.

Namanabukeni sawathola kanjalo, kwesinye isikhathi kuba yizingubo zokulala, imicamelo nezindishi zokudla, zigoqwe kahle. Angazi ukuthi kungani bezilahla lezi zinto ngoba zisuke zisasesimweni sokusebenza. Kuncane esasinakho kodwa ziningi izingubo engazithola endaweni yokulahla udoti futhi sasigqokisa njengabesifazane abakahle. Sasingakaze silwe ngesikhathi ngisasebenza endaweni yokulahla imfucuza, sasihlezi sizihlekela nje.

Omunye mhlawumbe wayenokucosha okuthile mhlawumbe njengezingubo bese eyamemeza ethi: “Nkk Skefile, thatha lokhu, okwakho.’’ Kwakuyizinsuku ezimnandi yize noma indawo esasikuyo yayinuka kabi. Kumele uzigqaje noma ngabe kuthiwa awunalutho bese usebenzisa ngendlela lokhu okuphiwe wuNkulunkulu.