Izindaba Zezalukazi Ngezimo Ezibuhlungu Empilweni

UBeauty Skefile noFelicia Mfamana benhlangano beGrandmothers Against Poverty and Aids (GAPA) baxoxa ngezikhathi zabo zenjabulo yize impilo yayinzima.

Ukuba Seduze Komndeni

©Eric Miller

Nginomuzi wami eKhayelitsha. Saqala ngokuwuqasha eMkhandlwini wedolobha, kwathi ngo-1985 basinika wona.

Kodwa isikhathi esiningi ngijwayele ukuya emjondolo wendodakazi yami uZodwa nezingane zakhe eGrassy Park, ngoba ufuna ngibe seduze kwakhe.

Kumele ngibe khona ngoba kuba nzima kimina ukuthi ngihambe noma ngivuke ngenxa yobuhlungu bezinyawo zami kwazise nginesifo samathambo.

Odabeni lwemali, siphila ngemali yempesheni nenye engiyenza ngokuthunga kwa-GAPA, kanjalo nemali kaZodwa yokukhubazeka. Akakwazi ukukhuluma kahle ngoba ulimi lwakhe aluhlangene lunamathele kwisingenzansi somlomo.

Waphinde washa kanzima. Wayesemncane ngesikhathi umyeni wami eyephoyisa, amanzi abilayo achithekela kuyena. UZodwa wayefisa ukuba wumhlengikazi.

Uzinakekela kahle izingane nasekunakeni abantu abangaphilile. Kodwa-ke akakwazi ukuba wumhlengikazi, ngakho-ke okumjabulisayo manje, uthi ukuba nomndeni wakhe.

Ukubiza Kwesimo Sempilo

Izinto sezingcono manje kimina ngoba abazukulu bami, uLuyanda noZanele sebehlala nami manje. Ukubanakekela kuyangijabulisa. Angithandi ukuthi bagadwe ezinkulisa uma sekuphume isikole ntambama ngoba izingane zidliswa ukudla okubandayo bese zibuya emakhaya sezikhishwa yisisu. Kungcono khona ukuthi zila nami.

Ngenza isiqiniseko sokuthi kushaya ihora lesikhombisa ekuseni sebelinde ibhasi elibayisa esikoleni. Basuka emzini wami eKhayelitsha bebheke eMitchells Plain. Kukude khona kodwa baya khona ngoba zingcono izikole zakhona.. Imali yokugibela iwu-R72.50 ingane iyodwa ngesonto kwazise zimbili izingane ezikhona, ngakho-ke uyambona ukuthi imali eningi esebenzayo.

Kule nyanga nje, kuphoqeleke ukuthi baphuthe esikoleni isonto lonke ngoba ibingekho imali yokubagibeza. Ngiphatheka kabi ngoba bagcina sebesilele emuva ezifundweni zabo. Kanti mina ngifuna bedlondlobale ezifundweni zabo.

Angifuni bahlupheke njengami, ngifuna baphokophele ezifundweni zabo. Asikaze sizizwe izikhalo kothisha kodwa asikaze siwabone amaripoti abo.

Ngeke basinike wona uma singayikhokhile imali yesikole ewu-R400 ingane iyodwa unyaka wonke. Asikaze sikhokhe ngoba asinayo kwaleyo mali.

©Eric Miller

Imidlalo Nohleko

Uma kuhamba kahle, sidla irayisi nenyama ebomvu noma eyenkukhu noma sidle ufishi namazambane achochobaliswe emafutheni. Uma izikhathi zinzima, silala ngophuthu kuphela.

Kwesinye isikhathi ikati lisuke lilele eziko okwangempela kungekho lutho. Kwenye inkathi kuze kusize omakhelwane basinanele irayisi nempuphu, nathi siyabananela uma kukhona ukudla.

Umzukulu wami uZimi akahlali nami kodwa uyafika uma sekuphume isikole, okwenza nginakekele izingane ezintathu. Sidlala imidlalo eminingi futhi benza izinto ezingihlekisayo. Kwesinye isikhathi badlala ubleki malipatile.

Kwesinye isikhathi ngigcina sengifihla ibhande lami, kufihla bhande, bayolibheka baze balithole. Ngelinye ilanga, savumelana ngokuthi uma belithola ibhande, bangangishaya ngalo... kodwa kwakungamancoko, sonke sazihlekela.

Umndeni kaFelicia Mfamana

©Eric Miller

Sihlale emijondolo iminyaka eminingi, uma lina imvula ibingena ngezindonga. Indawo ebesihlala kuyona ibigcwele amanzi. Sasiwufuna kabi umuzi wangempela. Ngasifaka isicelo sokuthola umuzi womxhaso, ngalindiswa. Njalo ngonyaka uma siyobuza ukuthi kwenzekani besifike sithenjiswe lokhu nalokhu.

Kwacishe kwaphela iminyaka engu-24 kodwa sagcina siwutholile umuzi omuhle eKhayelitsha. Unamagumbi amabili nemibhede emibili bese kuba yimijondolo emibili egcekeni lapho okuhlala khona abafana abadala. Sibawu-11 uma sesiphelele. Mina ngiwumama oqotho ezinganeni zami nakubazukulu.

Bayangithanda ngoba nami ngibathanda ngendlela exakile, okyinto engijabulisayo. Angisekho mncane ngokweminyaka kodwa ngenza umsebenzi oncomekayo ekubanakekeleni futhi abasizona izingane ezingalawuleki.

Ziyalalela uma ngikhuluma, hhayi ngoba nginolaka. Imfihlo yami nje wukuthandaza. "Nkosi yami, ngisize ekutheni wenze izingane zami zihloniphe wonke umuntu,'' wumthandazo wami-ke lowo. "Ngiyabonga Nkosi ngosizo lwakho.'' Lo mthandazo uyangisebenzela.