Izindaba zogogo: Ukuhlala, Nokushiya Abalingani Abahlukumezayo

Amalungu amabili eGrandmothers Against Poverty and Aids asixoxela ngokuphilisana nabayeni ababahlukumezayo.

Beauty Skefile

©Eric Miller

Sashada emuveni kwezi nyanga ezimbalwa sihlangene sino Victor, ngangina 20. Sashada umshado mohlophe, cishe umphakathi wonke waza emshadweni wethu. Kwakumnandi. Kwiminyaka yokuqala kwakumnandi emshadweni wethu, sasinemali futhi sijabulile. Uvictor wayevame ukuthengela izingane zethu izingubo, wayeseseka ngayo yonke indlela esasifisa ukuthi aseseke ngayo.

Ngangicabanga ukuthi izinto zizohlala zinjalo. Kodwa wawushiya umsebenzi wakhe, wabuyela eQunu, eMpumakoloni lapho ewazalelwa khona. Kulapho ke izinkinga zaqala khona. Sasihlala emuzini owenziwe ngezitina, Sasilima emasimini ethu, silima amathanga nombila. Ngenxa yalokhu sasingakaze silambe.

Kodwa uVictor wayesengenamsebenzi kepha lokho kwakumenza azizwe ecindezelekile. Angazi ukuthi kwenzakalani ngempela, kodwa kulapho waqala khona ukungishaya.

Wayebuyela ekhaya edakiwe, mayengibona ngihlezi nezingane angibuze ukuthi ngoku ngahloniphi ukuthi ukudla kwakhe kuphi. Bese angibuza imibuzo engasile, ngoba efuna sixabane, bese eyangishaya. Kwathi kusuka lapho washada umfazi wesibili, umfazi wabhuti wakhe owashonayo. Leli isiko lakwa Xhosa.

Lokhu kwenzelwa ukuthi umfazi nezingane zomufi bangalambi. Lokhu ngangingakwazi ukumelana nakho. Ngangithi mangifuna ukubonisana naye avele angishaye. Uthando lwalungasekho emshadweni wami, nase Qunu kwakungasekho mnandi. Ngathatha umthwalo wami ngabuyela eKapa, kumuzi wami olana.

Felicia Mfamana

©Eric Miller

Abafo nodade womnyeni wami uMilton kwakungabanut abalungile, kodwa uMilton yena wayevilapha futhi exhaphaza. Wayezenzela imali ngokulungisa imizi yabantu, wayengangiphi ngisho elimdaka icenti. Umamezal wayekwazi kakhle lokhu futhi engahambisani nakho.

Nguye owayenginikeza imali yokuthenga ukudla nezingubo zezingane. Sasinengane ezine uNoxolo, Nonkosi, umagcina kwa ku ngu Phumla, noma kwakunjalo uMilton wayekhetha ukuyiphuza eyakhe imali. Wayehamba ayodakwa abuye ebusuku asivuse efunak ukwazi ukuthi ukudla kwakhe kuphi. Waqala ukungishaya ngenkathi ingane yethu yesibili isencane.

Ngamshiya emuveni kweminyaka eyisishagalolunye. Ngelinye ilanga wabuyela ekhaya evela kuyo dakwa wafika ebuzo ngodlama ukuthi ukudla kwakhe kuphi, ulambile. Ngamtshela ukuthi akunakudla ngoba akakaze anginikeze imali yokukuthenga. Wamemeza ethi, ngingamqambeli amanga, ngidayisa oswidi kepha ke imali ikhona.

Ngamtshela ukuthi imali ekhona eyokondla izingane. Waqala wangishaya, engishaya ngezimpama futhi engikhahlela, elokho ethi uzongibulala. Ngale sosikhathi udadewethu uNeliswa wayehlala nathi. Wamatane wabona lokhu waqala ukukhala, ezama ukumvimba, ethi akaqale abulale yena kuqala.

Omakhelwane bazwa umsindo baza begijima bezobheka ukuthi kwenzakalani. Nabo bazama ukumvimba. Kwabizwa amaphoyisa, akazange afike. Ngoku olulandelayo ngathatha izinto zami ngamshiya.

Translated by Nwabisa Ngumbela