Ubuncweti Ngobandlululo – Ukulwa Umthetho

UBeauty Skefile usixoxela ngokuthi kwenzakalani ngenkathi belwa namaphoyisa engcinezelo. Ukunqoba yikho okwamenza ukuthi aqaphele amandla akhe nokubekezela.

Ukungahloniphi Amaphoyisa

©Eric Miller

Kune langa lapho esazitshela khona ukuthi sikhathele ukusaba, sizohlala. Sathi: “Mengabe befuna ukusibulala abasibulale ke, asiyindawo.” Ngelinye ilanga kwafika amaphoyisa ehamba nezinja zawo, azange sinyakaze. Abuza ukuthi kwenzakalani. Sawatshela ukuthi sithanda ukuhlala kulendawo asasikuyona, ngoba akukho lapho esizoya khona. Angasho lutho, ahamba.

Kodwa ayevame ukumane ebuya, kodwa angasenzi lutho. Kodwa kunezikhathi lapho ayefika khona asondele eduzekunathi asisabise ngezinja zawo. Lapho sasiye sikhulumele phansi siwathuke, siwatshele ukuthi asiyindawo. Akakaze asidubule, lapho sabona ukuthi abafuni kusibulala, bufuna ukusixosha kuphela.

Usuku Olubi e-Crossroads

©Eric Miller

Kune langa lapho uJohnson Ngxobongwana, owayehumholi we ANC e-Crossroads, wabiza umhlangano, esikoleni ekuthiwa yi Uxolo, lapho kwa kumele sixoxe khona ngezinkinga esinazo ngohulumeni wengcinezelo. Umphakathi wonke waya kulomhlangano, kwakukhona nezingane.

Lolo suku lwalulubi kakhulu, abantu ababekhona babe cishe bafika ku 500. Amaphoyisa afika nezimoto zawo ezinkulu, nezinja zawo, kunye nezibhamu. Saqala sacula uNkosi Sikelel’ iAfrika, sime ngaphandle kwesikole. Amemeza amaphoyisa kuma loudhailer ethi asihambe, sanqaba. Onke eza kuthi esijaha esishaya ngey’mvubu. Uningi lwabantu lalimala ngalelo langa.

Ngenhlanhla mina angilimalanga, koda izingane eziningi zalimala. Athatha uNgxobongwana amfaka emotweni, ahamba ayanaye ehlathini. Ase embuyisela eskoleni elimele egxiza igazi, imbabo zakhe zonke ziphukile, nengalo eyodwa iphukile.

Wayengakwazi ukwenza lutho. Wahanjiswa esibhedlele, lapho wahlala khona izinyanga ezintathu. Wathi maye phuma esibhedlela waqhubeka waba umholi wethu. Emuva kwalesosiqendu, athi maye phinda ebuya amaphoyisa esitshela ukuthi sihambe, sanqaba, sahlala phansi sanganyakazi, naye futhi uNgxobongwana wahlala nathi.

Asiyindawo

©Eric Miller

Indodakazi yami yazala ingane yayo yokuqala ngo 1978 noma ngo 1979, ngaso sona lesosikhathi somzabalazo. Umnu Basson wasifica sihlezi esihlabathini esishisayo, nengane yami.

Wabuza ukuthi yin’ndaba sihlezi kuleyondawo. “Kungani ungagoduki?” Wabuza. Ngamtshela ukuthi anginalo elinye ikhaya. Wangibuza ukuthi ngazalelwa kuphi, nathi eWynberg, eKapa. Ngamtshela ukuthi silana ngoba basixosha nakhona. Wahamba, akazange aphinde abuye.