u-Woyela we Lavender nowe Lavandin

© Marinda Louw
i-Lavender isitshalo esitholakala e Mediterranean kanti asiwona umsinsi wokuzimileli eNingizimu Afrika, yize kunjalo, siyatshalwa lapha eNingizimu Afrika futhi kuqhiqizwa u-oyela we lavender osezingeni eliphezulu nothengiselwa kumazwe angaphandle. Igama elithi ‘lavender’ liqhamuka kwigama lesi Latin elithi Lavare nelichaza ukuhlanza noma ukugeza.

Isitshalo esaziwa kakhulu ngokuthi i-lavender singaphezu kohlobo olulodwa lwesitshalo nokwenza kubenokuphambanisa phakathi kwe lavender kanye ne lavandin. Izinhlobo ezimbili ezidume kakhulu i-Lavandula angustifolia ephinde ibizwe nge true lavender' noma i-English lavender kanye ne Lavandula dentata – etaziwa ngokuthi i-French lavender noma i-spike lavender. Uhlobo lwesithathu ngama hybrids of L. angustifolia kanye ne, L. latifolia yield on oil neyaziwa nge lavandin.
Ama-Lavandins aba yizitshalo ezinkulu asetshenziselwa kakhulu okunambitheka kwawo okunoshukeyana kanti futhi anesisa esihogelway se comphor nephunga elihehayo, iwona adumile kwimikhiqizo yezihlanzi kanti ayasetsheniswa futhi kulbo abaphathwa i-sinus. Ama-Lavenders aphafuka iphunga elimandi lezimbali kanti ayasebenza ukwelapha ngoba anesisa sokuhogelwa se camphor. Ingasiza ukwehlisa ikhanda elibangwa ingcindezi, ukuluma nokunywaywa kwesikhumba kanti iyasisa ukusombulula isisu uma ubophelene. Ucwaningo olwenziwe kwelase Korea seluthole ukuthi u-oyela we lavender ungasiza ukwehliseni izinga lesifo sokungalali ubuthongo esibizwa ngokuthi i-insomnia kanye nengcindezi. Izimboni ezinkulu ziyawasebenzisa u-woyela uma zakha insipho, izihlanzi kanye neminye imikhiqizo yokugeza ngoba unamandla futhi ukubulala izinambuzane kanye namagciwane anjenge typhoid, diphtheria, streptococcus kanye ne-pneumococcus.
Ungowoyela okwazi ukuphumuza, uthokomalise usetshenziswa ekwakhiweni izimonyo namakha ngoba unezinto kuwo ekwazi ukuthokomalisa futhi uvikela ukwakheka kwamabala angasuki esikhunjeni kanti uyakwazi ukwelapha izilonda zokusha. Uwoyela ungasetshenziswa unjengoba unjalo kodwa kuhle ukuthi uhlanjululwe nomunye uwoyela bese kuhlikihlwa ngawo endaweni ethintekile. I-Lavindin futhi iyingxubevange ekwazi ukulawula i-nervous sytem isebenze kahle futhi ingasetshenziswa njengegxumbe yokudambisa izinzwa zakho (nerves), iqinise izinzwa kanye nokuwasusela ukuze asebenze.
Ukuvunwa kwezimbali neziqu kwenziwa ngenyanga ka December neka January, ngokuvamile akuvunwa uma isimo sezulu sishisa ngokweqile noma kunesivunguvungu ngoba lokhu kungaphazamisa ukukhameka kukawoyela. Uwoyela ukhanywa ngokusebenzisa isifuthumezi lapho kumuncwa khona ukungamagaqala bese kubhucwa gengxube ezobenza kuthambe. iLavender yangampela ikhipha cishe u 8 kuya ku 30 kg besekuthi iLavandin ikhiphe 40 kuya ku 220 kg ka woyela nge hekhithara (ha), futhi kuba ngu 500 kuya ku 1000 kg weziqu zezimbali ezomisiwe nge hekhithara, kanti ke lokhu kungancika ekutheni ikuyiphi indawo, ukulawulwa okufanele nanohlobo lwesivuno. Zingu 48 izinhlobo zezitshalo ze Lavender eziqukatha amakhulu ezinye izinhlayiya zokwakheka kwazo kodwake zintathu izinhlobo ezingu ngqa phambili ezisetshenziswa ukukhikhiqiza amafutha kawoyela okhethekile e lavender, lawoke i: L. angustifolia, L. latifolia (spika, broad leaves) kanye ne, L. angustifolia x L. latifolia hybrid, uwoyela okhiqizwa uhlobo ngalunye unezakhi ezahlukene futhi usetshenziselwa imikhiqizo eyahlukene, isbonelo, uwoyela oqhamuka kwi lavandin hybrids ukhiqiza uwoyela ophafuka kamnandi ngokusashukeyana wona usetshenziswa ekwakheni isiqholo somzimba (perfume).
Izimbali ezingasheshi ukubuna ezikhula ziminyene okwehlathi (perennial bushy shrub flowers) zitshalwa zilolongwe Kwizinfudazwe ezimbalwa zalapha eNingizimu Afrika okubalwa kuzu I Mpumalanga neNtshonalanga Koloni, iKwazulu Natali, Free State, Gauteng, Limpompo kanye nesifundazwe sase-Mpumalana, zonke izinhlobo ze lavender ziyazwela kakhulu futhi azizwani nezindawo ezinomswakamo, ihlobo uma sekushisa kakhulu ngoba ukushisa kuthikameza ukukhiqizwa kukawoyela, i-spike lavender ayizwani nokukhithika, lezizitshalo zikhula kahle lapho zithola ilanga elifudumele kahle nendawo enokukhanya, umhlabathi osheshe umunce kahle amanzi ungacheleli ngokweqile.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Nokubonga Guliwe