Utamatisi

© Louise Brodie
Igama lesayensiScientific name: Lycopersicon esculentum Mill.
Amagama ajwayelekile: Tomato, Tamati, Tamatiso, uTamatisi
Utamatisi wetafula (table tomatoes) ugesinye sezitshalo esitshalwa emhlabeni wonkana futhi kunezinhlobo ezingaphezu kwekhulu zikatamatisi ezikhona. Lesisithelo sicebile kwi lycopene nakuvithamini C. utamatisi usetshenziswa ngezindlela ezahlukeni. Utamatisi osuvuthiwe uyadliwa luhlaza futhi ungathoswa noma usetshenziswe nje uma kuphekwa. Uyakwazi ukuthi uphinde womiswe elangeni noma usetshenziswe okwesibili kabusha lapho usuwenziwa khona isosi, i-puree, uphawuda noma isobho nomake ufakwe ethinini, ushatini noma ujamu.

Ukuchazwa Kwesitshalo

Utamatisi uhlale ukhona kodwa unesikhathi okhuliswa ngaso ukuze usetshenziswe njengesithelo. Unamagatshana aluhlaza neziboya, uneziqu ezintekenteke. Amaqabunga anoboya futhi ayahluka kusayizi. Lesisitshalo siyaye siveze izimbali ezingamaqoqo eziphuzi. Izithelo zawo ziyindilinga, ziyalenga futhi zihlukile kusayizi nombala wazo osukela kobomvu kuya ko phinki nophuzi uma sezivuthiwe. Lesisitshalo sikhiqiza imbewu eyisicaba, ethe ukutsheka enoboyana nombala osansundu.

Okudingwa Umhlabathi Nokuwuhlelemba

Ngokulindelekile umhlabathi kumele ukwazi ukumuncisisa amanzi cishe ibanga elingu 1.2 m yize noma ukujula okungu 600mm nakho kumukelekile. Hlakaza uhlelembe umhlabathi ngokuwuhlakulela noma usebenzise imfolongo, ngegeja lesandla elifushane noma ifosholo. Thambisa uhlakule umhlabathi ukuze izimpande zizokwazi ukuthola umoya, izimpande zijule futhi zimunce kahle. Susa amatshe uhlelembe amagebhugebhu aqinile ukuze uzoqinisekisa ukuthi izimpande ziyakwazi ukujula kahle.
Utamatisi uyawuthanda umhlabathi ohlelembekile nosambumba okungu 15 kuya ku 35 wamaphesenti, imiphumela emihle iyatholakala kumhlabathi okwazi ukumunca kuye ekujuleni nowakhiwe izinhlobo ezahlukene zenhlabathi. Lesisitshalo siyakwazi ukubekezelela umhlabathi one acid ekwizinga le pH eku 5.0 kuya ku 7.0. Ukuze kuphume umkhiqizo omuhle umhlabathi kumele unone ngokuvele kokwake kwaphila (organic matter) futhi ungabi namagciwane nezikelemu ezidla izimpande.

isimo Sezulu

Izinhlobo ezahlukene zesimo sezulu eNingizimu Afrika zivumela kahle ukutshalwa kukatamatisi emasimini ovulekile ezindaweni eziningi zezwe unyaka wonke yize noma utamatisi uyisistshalo esithanda inkathi efudumele. uyazwela kakhulu lapho kukhithikile kanti amazing amahle okuwutshala aphakathi kuka 20°C kuya 25°C, kanti phakathi kwezinyanga ungancenga phakathi kwamazinga angemahle kuwo angu 18°C kuya ku 27°C. uma amazing esekhuphuka afinyelele adlule u 35 noma ehle kakhulu afinyelele ku 12 lokhu kungona umkhiqizo. Isimo sezulu esishisayo esinomoya womile singathunaza izithombo kuthi lapho kunomswakamo ongomi nesimo sezulu esinemvula singaholela ekuvezeni siphinde sisabalalise isifo samaqabunga. Ngakhoke kuyaconywa kuphakamiswe ukuthi kuhle ukutshala utamatisi ezindaweni ezomile eziniselwayo.

Izinhlobonhlobo ngezitshalo

Fresh market Tomatoes: Floradade, Karino, Rodade, Star 9001, Star 9003, Zeal, Fortress
Jam and preserving tomatoes: HTX 14, Legato, Roma, Rossol, Star 9056F, Sun 6216
Cherry Tomatoes: Bamby, Josephine, Little Wonder, Songold, Flavorita, Jasper

Translated by Nsika Khoza