Ukutshalwa kuka Tamatisi

© Louise Brodie

Okutshalwa Ngakho

Utamatisi utshalwa ngembewu, ngokuthi kukhuliswe bese kukhishwa izithombo noma kutshalwe ngembewu uqobo. Izithombo zikhuliswa emiqolweni yemibhede bese zisishulwa ukuyotshalwa ensimini. Ukutshalela kwenye indawo kunconywa kwimbewu eyi hybrid, kankhulukazi uma usanda kuqala ukutshala utshalela ukukhiqizela imakethe. Izithombo zisuke sezikulungele ukutshalwa kabusha kumasonto amathathu kuya kwamane emva kokuba bezitshaliwe futhi kumele zitshalwe kabusha emhlabathini onomswakamo. Ukutshala ngembewu u qobo kuvamise ukwenziwa uma isilimo sizosetshenziselwa ukwakhiwa komkhiqizo wesibili noma kuzovunwa ngomshini.

Isikhathi Sokutshala

Indawo: Cool Ukubanda; Isikhathi esifanele: October; Isikhathi Okusengatshalwa ngaso: September - November
Indawo: Warm Ukufudumala; Isikhathi esifanele: September - November; Isikhathi Okusengatshalwa ngaso: August - December
Indawo: Hot Ukushisa; Isikhathi esifanele: February - July; Isikhathi Okusengatshalwa ngaso: January - June

Isibalo

12 000 kuya ku 16 000 wesilimo nge hekhithari.

Ukugqagqanisa Izitshalo

300 mm kuya ku 500 mm phakathi kwezitshalo
1.5 m kuya ku 2.5 m phakathi kwemigqa.

Isikhathi Sokukhulisa

Ungakwenza ukuvuna kokuqala cishe ezinsukwini ezingu 90 kwinkathi yokuvuna engaba izinsuku ezingu 80.

Translated by Nsika Khoza