Ukulawula Isilimo Sika-Tamatisi

© Louise Brodie

Ukusetshenziswa Kwisikhuthazi

Isilimo sikatamatisi sidinga izakhi eziningi okubalwa kuzo i-nitrogen, phosphorus kanye ne potassium futhi zikhula kahle lapho kusetshenziswa izikhuthazi esenziwe ngokwake kwaphila (organic fertilizers), isikalo sesikhuthazi okumele sisetshenziswe sincike ekutheni umhlabathi unothe kangakanani ngokwesikhuthazi esikuwo, inkanthi yonyaka nohlobo lwembewu katamatisi.
Lesisitshalo sisidinga kakhulu isakhi I nitrogen okuyisona esikhuthaza ukukhula, ukuqhakamba kwembali nokuphuma kwesithelo.
Uphinde udinge amazinga aphezulu e potassium okuyiyo ekhuthaza ukwakheka kombala wawo, indlela onambitheka ngayo, ukubambeka, ushukela, ama-esidi nokuqinile kulesisithelo. Kanti i-Phosphorus ikhuthaza ukwakheka kwezimpande, ukuhluma kwezimbali ngokushesha nokwakheka kwesithelo bese iqhuba ukukhulu konke kwesithelo okulindelekile.
Utamatisi uphinde udinge ezinye izakhi ezincane nokwehla kwamazinga e magnesium, calcium ne molybdenum lokhu kuvamisile ukutholakala kuma kumhlabathi one esidi. Akuvamisile ukuthi ku tholakale amazinga aphansi e Boron ne copper kutamatisi. Uma kuncipha amazinga e Boron, lokhu kunikeza imiphumela yokuthi utamatisi uqhekezeke, ugqobhozeke, amabala, ushintshe isimo futhi ungavuthwa kahle. I-Iron nayo ingehla izinga uma umhlabathi unezindawo ezine khalisiyamu none alikhali noma okade ufafazwa nge lime. Ukwehla kwamazinga e-Manganese kubakhona kumhlabathi one Khalisiyamu.

Ukusetshenziswa kwesikhuthazi - kg/hectare

Isikhuthazi: 2:3:4 (30)
Isikhathiokumele sisesthenziswe ngaso: ekutshaleni
Umhlabathi onothile: 300 to 500
Umhlabathiolugwadu (ongenasikhuthazi): 750 to 1000
Isikhuthaz: LAN
Isikhathiokumele sisesthenziswe ngaso: Phakathi kwamasonto ama 3 kuya kwa 6
Umhlabathi onothile: 250 + 250
Umhlabathiolugwadu (ongenasikhuthazi): 200 + 200
Isikhuthaz: Potassium Nitrate
Isikhathiokumele sisesthenziswe ngaso: Emasontweni a 6, 9 nangu 12 weeks
Umhlabathi onothile: 100 + 100 + 100
Umhlabathiolugwadu (ongenasikhuthazi): 100 + 100 + 100

Ukunisela

eziyingcuphe kafushane emva kokutshala noma kufaka izithombo. Izikhathi obuyela ngazo ukunisela zilele ekutheni unjani umhlabathi futhi sinjani isimo sezulu. Ukunisela kakhulu emva kwesikhathi eside wagcina ukuchelela kafushane sekuze koma kakhulu kuholela ekuthi isithelo sikatamatisi siqhekeke phakathi. Kuhle kuthi ungacheleli ngesifafazo esithelela phezulu ngoba sona simanzisa amaqabunga bese lokho kulimaza isitshalo.
Phakathi amasonto amane okuqala sebenzisa amanzi angu 21 mm. phakathi kwamasonto ayisishiyagalombile alandelayo sebenzisa angu 38mm. bese kuthi kwinkathi esisele, unganisela ngo 31 mm ngesonto nakhona ukunisela kakhulu ema isithelo sesakhekile kungaholela ekutheni isithelo siqhekezeke.

Umzungezo Wesilimo

Uhlelo lomzungezo weminyaka emithathu kuya kwemine wesilimo esingahlobene uyaye unconywe ukwehlisa ukwakhelana kwezidlazitshalo ezenziwa ukwakhelana komhlabathi nokwehlisa izifo.

Ukuqeqesha noma Ukuhelisa

Ukuqeqesha ngokuhela izitshalo uzimise ngomumo kunenzuzo eningi, okubalwa kuyo, ukukwazi ukufafaza kahle ukulawula izifo kanye nezinambuzane, ukungashiswa ilanga, ukuzungeza kahle komoya kwizitshalo nokungaboli kwezithelo. Izitshalo ezinhlobonhlobo okungaziwa ukuthi zizokhula zibengakanani ngakho lezo kumele ziqeqeshwe ngokubiyelelwa zihelwe noma ezinye kwelulelwe uwaya kuzo. Isilimo esikhuliselwa ukuthengiselwa imakethe kumele siqeqeshwe ngokufaselwa.

Ukulawula Ukhula

Ukhula lungalawulwa ngokusebenzisa amakhemekhali noma ngemishini. Ukususa ukhula ngamakhemikhali kumele kwenziwe ngamakhemikhali abhaliswe ngokusemthethweni. Okunye kungalawulwa ngokusetshenziswa kwegeja elincane lesandla, akumele kumbiwe kushonwe phansi kakhuku futhi akumele kube seduze kwesitshalo.

Umvuzo wesilimo - amathani nge hekhithari

Olandelanayo: 30 amathani
Isilinganiso: 40 kuya ku 50 amathani
Omuhle: 80+

Ukuvuna

Ukuthi umkhiqizo uzosetshenziselwani nebanga ozolihamba ukuyiswa emakethe yikho kanye okuzokhomba ukuthi kumele uvune nini. Utamatisi osuke uzosetshenziswa isibili uvunwa uma usukhule ngokwanene. Utamatisi okumele uhanjiswe ibanga elide uvunwa ungakakhuli kakhulu kuthi uzothengiselwa kwizimakethe zangaphakathi uvunwa sewukhule wavuthwa.
Kuyanconywa ukuvuna ukuthi kwenziwe kusasekuseni bese utamatisi uyiswa endlini yokupakishwa ngokushehsa ungashiwa endaweni enokushisa isikhathi eside. Endlini yokupakisha kumele utamatisi uhlanzwe, ubekwe kwizinga nesigaba sawo bese uyapakiswha ngononina.

Ukugcinwa

Indlela yokubeka utamatisi emva kokuba usuvuniwe ichazwa ngukuthi utamatisi uvuthwe kangakanani. Ngokujwayelekile utamatisi kumele ugcinwe phakathi kuka 12°C no 86% kuya ku 90% womswakamo.

Izinambuzane

Nematodes, American Ballworm, Cutworm, American Leafminer, aphids, red spider mite, rust mite, Erinose mite, plusia looper, aphids and thrips.

Izifo

Early blight, late blight, grey mould, leaf mould, powdery mildew, fruit rot, soft rot, bacterial canker, bacterial spot, bacterial speck, bacterial wilt, Fusarium wilt, anththacnose, Septoria leafspot, mosaic, spotted wilt.

Translated by Nsika Khoza