Umviyo Unovitamin C Omningi

© JMK
iWild medlar (Vangueria infausta) inamagama ajwayelekile; wildemispel, Mmilo, Muzwilu, Mavelo, Umviyo, Mpfilwa, Umtulwa, Mothwanye, Umvile noma Amantulwane. Umviyo yisihlahla esithelayo esineziqu eziningi, esiphakathi kuka-3 no-7 m ubude, sinamacembe antofontofo. Sitholakala ezindundumeni ezinamadwala, eceleni kwamagquma, ezinkalweni nasezindundumeni zesihlabathi duze nogu eMpumalanga Koloni. Sitholakale nasezifundazweni oFree State, KwaZulu-Natal, Mpumalanga, Gauteng, North-West naseNorthern Cape nakwamanye amazwe asezansi ne-Afrika.
Lesi sihlahla sezithelo zomdabu kukholakala ukuthi siqukethe umoya omubi; kukholakala ukuthi singabanga ukuthi izinkomo zizale amaduna wodwa ngakho-ke ukhuni lwaso alusetshenziswa ngisho ekubaseni.
Yize kunjalo, isithelo saso sidumile kakhulu (sinambitheka njengehhabhula) futhi sinovitamin C omningi. Umviyo uqala ubeluhlaza kodwa uma usuvuthiwe ubampofu sakuba bukhwebezane kusukela ngoMasingana kuya kuMbasa. Ungakhiwa kusukela ekugcineni kukaMfumfu kuya kuLwezi lapho ungakavuthwa kahle. Kwenye inkathi isithelo singavuthelwa esihlahleni kuze kube inkwindla ukuze sinambitheke, uma kungenangozi yesithwathwa.
Isithelo siyindilinga futhi siyacwebezela, siwu-3.5 cm ubundilinga. Sinomongo owomile ingathi impushana, sinambitheka sakubashukela-sakubamuncu futhi sinamazinga aphezulu ecalcium (Ca) nepotassium (K).
Umviyo isetshenziswa njengesinongo futhi kwenziwa nangawo iwayini. Izithelo zingalondolozelwa izikhathi zendlala, kodwa izinongo nephalishi eligqunyiwe kancane kungakhiqizwa kuzona. EBotswana umviyo kwenziwa ngawo inkovu (juice) enovitamin C omningi.
Izimpande zomviyo sekukade zisetshenziswa ngokomdabu ekwelapheni umalaleveva nomkhuhlane wamaphaphu i(nyumoniya). Ngaphezu kwalokhu, imbiza yezimpande namacembe ilapha umbandama, izinkinga zeqaku nesibeletho nobuhlungu bezinyo. Isichonco samacembe namahlamvu agayiwe siyasiza ekwelapheni izingalo nemilenze ezinganeni.
Umviyo ukhula kancane, kodwa ukhula kahle ezindaweni eziwugwadule nezisagwadule ezinamazinga okushisa asuka ku-17-28ºC. Akukho lula ukutshala umviyo ngembewu, kodwa ukutshala imbewu ngoLwezi kunamathuba amaningi okuthi imile sekunokuyitshala ngoNhlangula. Cwilisa imbewu emanzin ngaphambi kokuyitshala. Indlela ephambili yokutshala umviyo ukuwutshala ngeziqu ezinqunyiwe.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Zoza Shongwe