Umgongozi Onetswayi Ukhiqiza Omuhle Ujamu

© Marinda Louw
ICarpobrotus edulis yaziwa ngokuthi ikhiwane elimuncu elijwayelekile, ikhiwane laseKapa, ighaukum, ighoenavy, iKaapse vy, iperdevy, rankvy, suurvy, ikhambi-lamabulawo noma umgongozi (ngesiZulu).
Uyisembozo senhlabathi esitshaleka kalula esiwumuthi onqala onesithelo esidliwayo nembali ehehayo ephuzi ephaphatheka ibebukhwebezanyana. Umgongozi utholakala eNamaqualand esifendeni saseNyakatho Kapa, uzungeze ugu lweNtshonalanga Koloni kuye eMpumalanga Koloni. Lesi simila singumvikeli wezindunduma omuhle futhi siwumngcele wokuvimba umlilo.
Izinyoka zitholakala emfukumfukwini yomgongozi zicothele amagundwane ahehwe izithelo zomgongozi. Ngaphandle kwamagundwane, izithelo zomgongozi zithandwa yizinyamazane, izingungumbane nabantu.
Isithelo sawo simise okwetopo, sithi singavuthwa sibenesikhumba esishwabene, sibenesiqhoqho sezinhlamvu ezihlangene nesitaputapu esinjengenhlaka. Silunywa ngaphansi bese kumuncwa imfumba yezinhlamvu ehlangene nenhlaka. Sinambitheka ngokushaqile, sinetswayi futhi simuncu, kwenziwa nangaso omnandi ujamu.
Ukwenza ujamu faka amanzi abandayo ku-1kg womgongozi (nokhezo olu-1 lwetswayi) ukuhlalise ubusuku bonke, khipha amanzi bese uyahluba. Faka izinkomishi ezimbili zoshukela, izinti ezimbalwa zecinnamon enkomishini eyodwa yamanzi bese uyabilisa kuze kube mjimbilizi. Bese ufaka imigongozi, ubilise kuze kushube, izithelo zibe bomvu ngokushubile. Ulondoloze ebhodleleni elihlanzekile.
Amacembe omgongozi ayashwaqa futhi abulala amagciwane, avimbe ukubhibha kwesilonda, ayahlafunwa ukuze aqede umphimbo obuhlungu, izifo zomlomo, ukushiswa yilanga, ukulunywa, izilonda zomkhuhlane, ukuqutshulwa yinabukeni nokuntinyelwa yimvimvi. Okunye ekwelaphayo yisifo sofuba (iTB), ngesichonco esimjimbilizi sithakwa ngenkovu yamacembe, amafutha omnqumo (olive oil) noju bese ulapha nokuqunjelwa (ngokudla isichonco esimjimbilizi esikhanywe esithelweni).
Umgongozi usetshenziswa eMpumalanga Koloni ukwelapha idephtheria (ukugula okubucayi komphimbo nekhala) nesifo sikashukela. Umgongozi umila kalula uma utshalwa ngeziqu futhi uthanda indawo eyomile ehlatshwa yilanga.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Zoza Shongwe