Umganu Ungaphezu Kotshwala

©Geoff Nichols of SANBI

Amagama ajwayelekile eSclerocarya noma umganu ambandakanya inkanyi, imarula, umufula nemorula. Isihlahla somganu yisihlahla esiwohloka amacembe ubungako baso buphakathi kuye ebukhulwini, sinezimbali zesilisa nezesifazane ezimila ezihlahleni ezehlukene.

(Abesimame abakhulelwe basebenzisa ixolo lezinhlobo ezehlukene zomganu ukukhetha ubulili bezingane zabo ezingakazalwa-isib. Ikhambi eligayiwe liyenziwa ngexolo elithathwe esihlahleni sesilisa, lenzelwe ukuzala ingane yesilisa.) Umganu ngumuthi osetshenziswa ikakhulukazi ngamaZulu ekwelapheni uzagiga ngokomdabu.

Isiguli kufanele siye kulesi sihlahla bese eshayisa ngesihlathi esihlahleni, athi, ‘zagiga, zagiga ngiyeke,’ asho kathathu. Kuthiwa uzagiga uyanyamalala ezinsukwini ezintathu. Okunye okwelashwa ngembiza yexolo lomganu uhudo, ufehlane nokugomela umalaleveva.

Ixolo lithathwa njengekhambi lokulapha umhlume nesichonco salo ixolo siphuzelwa ukuqeda ubuthaka noma ukukhathala. Izintambo zenziwa ngothwentwesi olungaphansi kwexolo, ekubeni ukhuni lona lusetshenziselwa imibazo, ifenisha, izigubhu namajoka.

Umganu umila eningizimu yeTopiya kuze kube kwaZulu eNingizimu Afrika futhi ujwayelekile ukubonakala esifundeni iBa-Phalaborwa eLimpopo. Isithelo sawo nendumbu yaso kade kusetshenziswa kusukela emandulo ngenxa yomsoco wawo-unovitamin C omkhulu nezinye ithako ezingamaneral.

Umganu uvuthwa kusukela ngoMasingana kuya kuMbasa lapho izithelo zawo ezivuthiwe ziwela khona phansi. Isihlahla esesigogodile singathela size fike ku-500 kg wezithelo ngonyaka. Izithelo zidliwa zingaphekiwe noma zihluzwe zenziwe iziphuzo nojamu. Izithelo ziyabuthwa, zihlanzwe bese ziyasikwa kukhishwe izindumbu.

Isithelo siyaphekwa amanzi aze aguquke umbala bese siyakhishwa. Amanzi asele kwenziwa ngawo ujamu, bese ulondolozwa endebeni yengilazi ehlanzekile futhi evalwayo. Ujamu womganu ungahlala unyaka wonke uma uvalwe kahle. Izindumbu zomganu ziyadliwa futhi zivame ukugazingwa.

Zinomsoco kakhulu futhi ziqukethe iprotein ecishe ibewu-25% kanye necalcium (Ca), imagnesium (Mg), iphosphorus (P) nepotassium (K). indumbu iyagxotshwa ukuze kukhishwe imbewu.

Amagobolondo ezindumbu angasetshenziswa njengomgandayo wosebe lomgwaqo noma igceke, noma njengomquba noma ekubaseni, ekubeni amafutha akhishwe embewini (anothe ngezithako zokunqanda ukubuna novitamin C no-E) asetshenziswa ekunakekeleni isikhumba.

Izithelo namacembe kuyasetshenziswa njengokudla kwemfuyo. Umganu uyisihlahla somthunzi esidumile futhi umila kalula embewini ekhukhulekela esihlabathini somfula, kodwa uyasizonda isithwathwa. Kuhle kakhulu ukuwutshala entwasahlobo.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Zoza Shongwe