Ukutshalwa kuka Anyanyisi

© Louise Brodie

Okutshalwa Ngakho

U-Anyanyisi utshalwa ngembewu, ngokuthi kukhuliswe bese kukhishwa izithombo noma kutshalwe ngembewu uqobo. Kuba icebo elihle neliphumelelayo ukukhipha izithombo utshale ngazo kunokutshala ngembewu. Umbhede womhlabathi wembewu ukhumuzela kahle, imbewu kumele itshalwe ibe yimigqa ukuqinisekisa ukuthi kunokuvuleleka komoya kuphinde kukwazi ukulawula ukhula. Imisele kumele ihlukaniswe phakathi ngo 15cm kuthi imbewu itshalwe ebudeni obungu 10 mm kuya ku 15 mm.
ukuhlemba komhlabathi kumele kube ngu 1500 kuya ku 2500 wembewu nge 1m² esisodwa. Uma amazinga okushisa ephuzulu ngesikhathi okutshalwa ngaso, mboza indawo esifakwe imbewu ngotshani namaqabunga okomile, susa imfucuza yotshani uma sekuqhamuka izithombo emva kwezinsuku ezingu 7 kuya kwezingu 14 kutshaliwe. Uma izithombo seziphakathi kuka 8mm kuya ku 9mm ububanzi no 12cm kuya ku 20cm ubude zisuke sezikulungele ukusishulwa ziyotshalwa kwenye indawo. u-Anyanyisi wosuku olufushane usuke usukulungele ukutshalwa kwenye indawo phakathi kwamasonto ayisithupha -6 kuya kwayishishiyagalombili -8.

Indlela yokutshala

Ukutshalela kwenye indawo, imisele kumele ibe ngu 2 cm kuya ku 4 cm ukujula kusula phansi emhlabathini bese ulalisa indawana emhloshana yesithombo emuseleni. Ungawasusi amaqabunga akwisithombo. Mboza izimpande nge reki bese ubuyisela ugxishe umahlabathi kodwa uzungeze indawo otshale kuyo. Ungazijulisi izithombo uma uzitshala ngoba lokho kungabangela ukuthi izigaxa zeluleke zibe zinde. Umhlabathi kumele uwugcine unomswakamo izinsuku ezinhlanu, lapho izitshalo sezisemuhlabathini ukuvemela ukuthi konke kuhambe ngendlela efanele.

Ukugqagqanisa

izintshalo kumele zigqagqaniswe phakanti kuka 8 kuya ku 10cm imigqa kumele ihlukane ngo 20 kuya ku 25 cm. lokhu kuphakathi kuka 50 no 60 wezitshalo nge m².

Isikhathi sokutshala

Isikhathi Esihle: February - March
Okusengatshalwa Ngaso: January - April

Isikhathi Sokutshala

Ukutshala kumele kwenziwe ngaphambi kokuphela kwenyanga ka March ukuze izithombo zizosishulwa zitshalwe kabusha emasimino ngo May kuya ku June.

Isikhathi Sokukhulisa

Ukuvuna kuthatha phakathi kwezinsuku ezingu 180 kuya ku 230 noma phakathi kwezinsuku ezingu 100 kuya ku 12 emva kokuba zitshalelwe kwenye indawo. ukuvuna kumele kuqaliswe lapho u 50 noma u 60 wamaphesenti wamaqabunga esewile (eselele phansi emhlabathini).

Ukusetshenziswa Kwesikhuthazi

hectare. Uma kuhlelembwa umhlabathi okuzotshalwa kuwo, umhlabathi ungadinga ukongezwa nge khemikhali iPhosphurus (P) ongesimo se phosphate enamandla. Ngoku jwyelekile ingxube ye N:P:K enjenge 2:3:4 ingasetshenziswa kwisiliganiso esingu 1000 kg nge hekhithari futhi lesosikalo kumele sanele. Emva kwamasonto amathathu kutshaliwe kuphindwe futhi emva kwamasonto ayisithupha sekutshaliwe kungongezwa ingxube enhle ye Potassium(K) nitrate (N) kwisikalo esingu 150 kuya ku 250 wama kulograms nge hekhithari.

Ukunisela

Cishe ngu 500 kuya 600mm wamanzi okunisela odingakalayo ngesikhathi sokukhuliswa kuka anyanyisi. Lokhu kumele kwenziwe phakathi kuka 35 kuya ku 40mm ngesonto. Uma umhlabathi uvele unombumanzi unganisela kancanyana usheshe uqede. Izimpande zikaanyanyisi zihlangane phezulu emhlabathini onngu 30mm ngakho ngexa yalesisizathu umhlabathi kumele ugcinwe unomuswakamo. Ungawuniseli u-anyanyisi emasonto amathathu ngaphambi kokuvuna.

Translated by Nsika Khoza