Ukunakekela Nokulawula Isilimo sikaAnyanyisi
Ukunakelela Nokulawula Isilimo
Ukuze ukhule kahle ungavumeli ukuthi umhlabathi wome kakhulu, kodwa yazi futhi ukuthi u-Anyanyisi uyazwela uma usiniselwe kakakhulu. Ensimini esendaweni eyehlelayo qikelela ukuthi izitshalo ezisezansi azigcwali amanzi ngoba zingashintsha umbala zibephuzi noma zibhashe. Ukukhipha ukhula phakathi kwezitshalo kumele kwenziwe ngokunakekela uqikelele ukuthi awuthikamezi izimpande noma ulimaze amaqabunga.
Umzungezo Wesilimo
Uhlelo lomzungezo weminyaka emithathu kuya kwemine wesilimo esingahlobene uyaye unconywe ukwehlisa ukwakhelana kwezidlazitshalo ezenziwa ukwakhelana komhlabathi nokwehlisa izifo.
Umvuzo wesilimo - amathani nge hekhithari
Olandelanayo: 15 kuya ku 20 amathani
Isilinganiso: 25 kuya ku 30 amathani
Omuhle: 40+
Isivuno
Kwizingadi ezincane, ungavuna uma wonke amaqabunga 100% esehlangene. Kwizindawo ezinkulu nalapho kutshalelwa imikhiqizo yokuthengiswa, vuna uma isigamu sesilimo sesihlangene 50%. Uma sekufinyelelwe kulesisigaba, ungazishiyi izitshalo emhlabathini isikhathi eside. Phakamisa izigaxa zika anyanyisi ngokunyakazisa umhlabathi ngemfologo noma ngethuluzi lokuvuna. Qokelela zonke izitshalo, wenze ibe inqwaba bese ubophela amaqabunga ndawonye. Walengise kuphahla noma endlini yokubekela ukuze ome. Uma intamo yesigaxa seyomile, usungasusa amaqabunga bese ugcina izigaxa.
Ukugcinwa
Lapho u-anyanyisi usuwomisiwe wahlanzwa ugcine endaweni ebandayo, womise kahle, ube sendaweni ekwazi ukungena nokuphuma umoya ngendlela efanele, u-anyanyisi kumele ube sesigabeni esikhule ngokwenele, womiswe kahle futhi ungalimali. phendula izigaxa njalonjalo ukuze wonke amacala azo ezokwazi ukuthola umoya nokukhanya. Ubeke ngamaleya angekho ngaphezulu kuka 10cm bese ukhipha ususe zonke izigaxa ezibonisa izinkomba zokubola.
Izifo
Downy Mildew, purple blotch, pink root, leaf mould, black mould, soft rot, white bulb rot, basal rot.
Translated by Nsika Khoza