uAnyanyisi

© Louise Brodie
'Scientific name': Allium cepa
Igama elijwayelikile: Onion
uAnyanyisi ubulokhu usetshenziswa njengokudla iminyanka eminingi futhi kukholelwa ukuthi usuka kwizifunda ezise Ntshonalanga ne Asia.

Ukuchazwa Kwalesisitshalo

uAnyanyisi uyisitshalo semithi eluhlazana osemndenini wama Liliaceae nokukhula ube yizigaxa eziphephile ukudliwa. Isiqu salesisitshali siyisicaba kumsuka waso bese siba namahlamvana abambele kwisiqu esingumsthumo oyaphezulu onemigodla elekelene. Amaqabunga awo ayama aqonde noma atsheke futhi isitshalo ngasinye siba namaqabunga aphakathi kwamathathu noma ayisishiyagalombili.

Ukusetshenziswa

uAnyanyisi utshalelwa ukuba kusetshenziswe isigaxa sawo. uAnyanyisi osukhulile nongakakhuli kakhulu udliwa uluhlaza, uphekiwe futhi uyanonga ukudla. Uyakwaz ukusetshenziswa ngokwesibili ngendlela yokwenziwa ama pickles, isobho noma womiswe ube amakhekheba. Isitshalo sawo siyasetshenziswa njengesixoshi izilwanyana ezikhasa phansi ezidla izitshalo.

Okudingeka emhlabathini nokuwulungisa

uAnyanyisi ukhula kahle emhlabathini ovundile nosalubumba, nomunca kahle amanzi. Ayayithanda indawana ene acid enezinga le pH eliphakathi kuka 5.5 kuya ku 6.5. ukujula komhlabathi kumele kuye ku 600 mm.

Isimo Sezulu

uAnyanyisi uyakwazi ukumelana nokukhithika. Bayaye baqale ngokudinga indawo enbandayo uma isitshalo sisafufusa bese bedinga isimo sezulu esomile nesishisayo uma sebekhula noa uma sekungena ihlobo. Amazinga okushisa awufanele ukuze ukhule kahle aphakathi kuka 12°C kuya ku 24°C kuthi phakanti nezinyanga zokukhulisa abe phakathi kuka 7°C kanye no 29°C amazing okushisa aphakeme enza isigaxa sikhule ngokushesha kanti amazing aphansi enza siqhakaze ngokushesha. Izikhathi zemvula phakathi kwentwasahlobo nehlobo ayalihlisa izinga lokukhula elihle ikakhulu izinga lokukwazi ukuwukhulisa ngezinga elifanele.

ubude bosuku

uAnyanyisi untekenteke kwisikhathi obekwa kuso endaweni lapho uthola ukukhanya kuyo. Ukwakheka kwesigaxa kulekelelwa ubude bosuku futhi siqala lapho isikhathi sokukhanya sosusku sesidlulile kulokhu obekulidelwe. uAnyanyisi wosuku olufushane uzidingela nje usuku olungalude futhi kuyanconywa ukutshala uAnyanyisi wosuku olufushane.

Izitshalo zohlobo lunye

(Short Day) Granex 2000, Hojem, Pyramid, Texas Grano, 502 PRR, Early Copper

Translated by Nsika Khoza