I-Sutherlandia

© Marinda Louw
I-'selapho sakonke 'yezitshalo zaseNingizimu Afrika, i-Sutherlandia frutescens * idunyiswa kakhulu ngenxa yokuhlasela kwamagciwane nezifo ezifana nesifo esibanga ukuqaqamba kwamalungu omzimba, umdlavuza kanye nokwelashwa kohlobo lwesibili lukashukela. Amarekhodi okuqala avela emakholoni aseDashi eKapa abike abantu bamaKhoisan nabamaNama basebenzisa imithi enziwe i-Sutherlandia ukuze baqede amagciwane kanye nokwelapha imfiva.
Inamagama angaphezu kwamasumi amabili nanhlanu, amagama amaningi wendawo achaza izici eziningi zokuphulukisa. Igama elithi 'Phetola' (okusho ‘ushintsho’ ngesiTswana ), lingase libonise ukushintshwa kwezifo eziningi zibe ngumphumela omuhle. Igama lesiSuthu saseNyakatho elithi 'Lerumo-lamadi' ('umkhonto wegazi') lichaza ukuthi iSutherlandia ihlanza igazi, insiswa (Zulu) 'ikhipha ubumnyama' njalo igama layo lesiBhunu elithi 'kankerbos' lichaza ukusetshenziswa kwalo njengomuthi olwa nomdlavuza.
Ngokomkhuba zonke izingxenye zezitshalo zazisetshenziselwa ukulungisa imithi elapha isimo esiphathiwe. Isibonelo, ukugonywa okuvela emaqabunga kanye neziqu kusetshenziselwa ukwelapha izifo zesibindi, izinso kanye nesisu. Izitshalo ezomile zisetshenziselwa ukugqugquzela ukudla nokuvimbela ukuchitha (okusetshenziselwa ngempumelelo kubaguli be-HIV/AIDS) kanye nokuphatha izifo zegazi, izifo zokushobinga kanye nesipatsholo. Ibuye isetshenziselwe ekwelapheni ukucindezeleka kwengqondo nangokomzwelo, kufaka phakathi ukucasuka, ukukhathazeka nokucindezeleka. Imithi yanamuhla ye-Sutherlandia -itiye, amaphilisi, amafutha noketshezi.
I-Sutherlandia frutescens - enye yezinhlobo eziyisithupha zaseNingizimu Afrika – isihlahlana esingu-1.2 m ubude esinamaqabunga amahle nezimbali ezibomvu kusukela ngoJulayi kuya kuZibandlela. Isitshalo esingazweli isomiso esikhula emazweni aseNtshonalanga, eMpumalanga, naseNyakatho Kapa kanye nezinye izindawo KwaZulu-Natali, ukwakheka kwamakhemikhali kanye nezakhi zofuzo zihlukahluka kulezi zindawo. Yisitshalo esivamile esikhula kahle elangeni eligcwele nenhlabathi emunca amanzi kahle futhi singasakazeka kalula ngokuhlwanyela imbewu kunxube yezingxenye ezimbili zenhlabathi, ingxenye eyodwa yomquba. Lesi sitshalo ikakhulukazi isivuno sasendle kodwa izimboni ezincane ezimbalwa zokuhweba zaseSutherlandia zitholakala ezifundazweni zaseWestern Cape naseMpumalanga.
*I-genus Sutherlandia, manje esiyingxenye ye Lessertia, yayiqukethe izinhlobo eziyisithupha kuphela, isakazeke kulo lonke elaseNingizimu Afrika. I-Lessertia engokwemvelo, manje ehlanganisa iSutherlandia, isakazwa kakhulu e-Afrika, izinhlobo ezingaba amashumi ayaisithupha, amashumi amahlanu aseNingizimu Afrika. Izinhlobo ze-genus Sutherlandia zihlukile ku-Lessertia okwempova. Kuzo zonke ezinye izici ziyafana futhi iSutherlandia iye yaba ingxenye ye-Lessertia.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Nsika Khoza