Souzao

© Silvaspoons

Incazelo

I- Souzão yenye yenhlobo zamagilebhisi ewayini elibomvu eliqhamuka enyakatho yase Portugal, kuvame ukwenziwa i-port ngawo enjenge (Duoro Valley) ne Vinho Verde (iwayini esencane). E Australia, eCarlifonia eSpain nase Ningizimu Afrika kwenziwa ngayo iwayini.

Umsuka

Portugal

Amanye Amagama

I-Souzão ngenye inkathi ibuye ibhalwe ngolunye uhlobo: “Sousa” noma “Souson” kodwa eyona ndlela ekuyiyo yokuyibhala yile: Vinhao, egalicia eSpain lapho i- Souzão itshalwa khona ibizwa ngokuthi yi Tinta Pais. La ekhaya lenhlobo ibhaliswe nge gama elithi Souzão. Amanye amagama ayo: Tinto Nacional, Tinto Antigo, Tinto da Parada, Negrao, Negrao Pe de Perdiz, Espadeiro da Tinta, Espadeiro Basto, Espadeiro Preto ne Pinta Femea.

Ukukhiqizwa eNingizimu Afrika

I-Souzão yangeniswa eNingizimu Afrika ngo nyaka we 1920, noma kunjalo kunama hektare angama 44 etshaliwe la – uningi lo mvini lise (24ha) lise Swartland. Owona mvini omdala watshalwa ngo nyaka we 1976 – lomvini utholakala eAllesverloren eRiebeek Valley. Leli famu lidume ngokuhlanganisa i-port wine namawayini abomvu.

Ukukhula

I- Souzão iphakathi ne ndawo futhi ikhula iqondile. Ihektare eyodwa iyawakhipha amathoni ayi 10 -12, kodwa abanye abakhiqizi bakhetha ukuvuna amathoni ayi 6 – 10 kuphela. Lesitshalo sithanda isihlabathi esicebile futhi siyakwazi ukumelana nokushisa.

Ukuvuthwa

I- Souzão ithatha isikhathi eside ukuvuthwa, ngakho ke iye ivunwe masekuphela inkathi yokuvunwa (ivuthwa ngo Febhuwari ukuyosho phakathi no Mashi) izinga la shukela kumele libe phakathi kuka 24 - 26° i-Balling.

Amajikijolo

Amajikijolo alenhlobo a-blue-black. Lenhlobo yamagilebhisi inezigaxa ezinamakhasi aqinile. Amakhasi namafutha alamajikijolo yiwo anikeza leliwayini umbala wayo.

Amaqabunga

I-Souzão inamaqabunga aphakathi ne ndawo, futhi angwevu ngokombala, bese abenamadlebe amathathu ukuyosho kwamahlanu.

Izinambuzane Nezifo

I-Souzão imelana kahle kabi ne botrytis, i-downy ne powdery mildew.

Ukusetshenziswa

La eNingizimu Afrika i- Souzão ihlanganiswa namawayini abomvu ukuze kwenziwe ngayo i-port. I- Souzão inombala omuhle kakhulu, ucishe ube sampisholo. Ngaphendle kwezinga lotshalwa no asidi otholakala kumagilebhisi eSouzão, iyanambitheka. Kodwa akumele uyi uyigcine isikhathi esingaphezu kweminyaka emihlanu.

Ukunambitheka

Amonthi azwakalayo mangabe unambitha i- Souzão, yilawo e-blackcurrant ne liquorice. Amagilebhisi ewayini akhulele kwizindawo ezifudumele avame ukunambitheka ngathi ano jamu.

Translated by Nwabisa Ngumbela