Oil Indungulu

© Ton Rulkens
Indungulu ikhambi elidumile lesiZulu okwakukholelwa ukuthi liyavikelana ezinyokeni nasonyazini lwezulu. Ngokwesilungu kwatholakala ukuthi lisiza ekugayekeni kokudla esiswini, lilapha nokuluma kwamakhala, isifuba somoya sehlise nomkhuhlane ngokujulukisa. Lihle kakhulu nasekwelapheni umqubuko futhi liye lasetshenziswela ukulwa namagciwane, isikhunta nokuthulisa izinhlungu nokulapha amathumba. AmaSwati asebenzisa lona ukwelapha umalaleveva futhi lingasiza nasekuvimbeni isifo samahhashi.

Ngaphezu kwalokhu, iCornell University Medical College ithole isithako esithile esinamandla (igengerol) esikwazi ukuvimba uketshezi oluthile olusegazini ukuthi lungenzi izicubu zempilo zibengamahluli futhi singavimba nesifo sohlangothi. Amafutha endungulu ayasetshenziswa ekwelapheni izingozi zokwephuka, ufehlane, ubuhlungu bamalunga (arthritis), ukuqunjelwa, ukucanuzela kwenhliziyo nebhabhalazi.
Iyasiza emkhuhlaneni nezimpawu zawo okungumphimbo obuhlungu, ukuvimbana, ukukhwehlela nokuluma kwamakhala. Izifo zesikhumba ezilashwa ngamafutha endungulu zimbandakanya izilonda nemihuzuko. Izithako zendugulu ezifudumalisayo ziyasebenza ekwelapheni inkathazeko yobusika kanti izithako zayo ezipha amandla zenza ibengumvusankunzi. Ingasetshenziswa iyisitaputapu noma isinameko esishisayo sokwelapha i-arthritis, ubuhlungu bemisipha, ufehlane futhi iyasiza ekuhambiseni igazi nasekwelapheni imihuzuko.

Iyisimila esifishane esisho ngezimbali ezinhle ezibukhwebezane kodwa izimpande kuphela ezisetshenziswayo. Inezinongo zemvelo eziningi futhi uqukethe uvithamini B3 noB5. Indungulu imila esifundazweni saseMpumalanga nesaseLimpopo kodwa ukugujwa okweqile kusishabalalisile KwaZulu-Natal. Indungulu idinga umhlaba onemvundo eyanele futhi ingahlunyiswa ngokuklaya impande ebusika.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Zoza Shongwe