Izithelo Zomdabu Zase Ningizimu Afrika

© Hans Hillewaert

Izithelo zomdabu zingenye yezindlela zokulwa nendlala nokusweleka komsoco emazansi ne-Afrika. Ucwaningo lukhombisile ukuthi ukukha izithelo endle nalezo ezimile emapulazini kungadala amathuba omsebenzi emakhaya.

Ngaphezu kwalokhu, ukugaya noma ukupheka izithelo zomdabbu zibewujamu nenkovu kungadala inzuzo yemali. Izithelo zomdabu ezidlekayo zinganqanda ukusweleka kokudla, ikakhulukazi ‘indlala ecashile’-ukwesweleka komsoco namavitamin.

Izithelo zomdabu yizithelo ezitholakala endle eNingizimu Afrika kodwa futhi ziyatshalelwa ukuthengiswa ukuze zidliwe zizintsha noma zigayiwe zaphekwa zabayimikhiqaizo enjengojamu noma iziphuzo.

Ngokomnyango: Wezolimo, Amahlathi noKudoba (iDAFF) yilezi izithelo zomdabu zaseNingizimu Afrika ezithathwa njengezibalulekile : Marula uMganu, Mobola plum uMbola, Red Milkwood fruit, Amasethole-abomvu, Wild Medlar uMviyo, Kei Apple uMqokolo, Monkey orange uMhlali, Sour fig uMgongozi, Sour Plum uMthunduluka obomvu Ezinye izithelo zomdabu ziyimpahla yohwebo futhi zithengiswa eceleni kwemigwaqo ezingxenyeni eziningi emazansi ne-Afrika.

Lezi zimbandakanya ihlali, imigongozi (iCarpobrotus edulis), umsobo (iwaterberry) ezingxenyeni ezisempumalanga yeNingizimu Afrika, umqokolo (Dovyalis caffra), umthunduluka obomvu (Ximenia caffra), umthunduluka ophuzi (X. americana) namasethole abomvu (imoepel) (izinhlobo zeMimusop). Ezinye zikhombisa amandla okuba yizithombo ezintsha zohwebo futhi inqubekela phambili seyenziwe ngomganu (iSclerocarya birrea) nezinye ezimbalwa.

Umganu

Lesi sihlahla esikhulu sijwayelekile eLimpopo, esifundazweni saseNingizimu Afrika. Isithelo sawo sicoshwa phansi (ngoMasingana kuya kuMbasa) futhi sidliwa singaphekiwe noma siphekiwe senziwa ujamu. Siyavutshelwa futhi njengotshwala basekhaya noma ugologo.

Mobola Plum (Umbola)

Isihlahla esikhulu esinexolo elimaholo, umbola umila ezifundeni ezisempumalanga neNingizimu Afrika futhi uthela isithelo esincane esiphuzi esidliwa singaphekiwe, somile noma sivutshelwe sabawutshwala.

Amasethole Abomvu

Lesi sihlahla sithanda izifundazwe zaseNingizimu Afrika ezinemvula futhi sithela isithelo esincane esinombala omthubi (orange colour). Isithelo esimtoti esinovitamin C omkhulu bese amacembe aso edliwa yinyamazane. Uma ekhiwe engakavuthwa, ayavuthwa ezinsukwini ezimbalwa.

Wild Medlar (Umviyo)

Lesi sihlahla sithela isithelo esingangebhilikosi esinambitheka njengehhabhula elomisiwe. Isithelo esisha kuvutshelwa ngaso utshwala obunamandla obucwebile (okuthiwa imampoer ngesiBhunu). Izithelo zawo kumele zikhiwe ezihlahleni enkathini eyizinyanga eziyisithupha.

Kei Apple (Umqokolo)

Izithelo ezimuncu nezinuka kahle zomqokolo zidliwa zingaphekiwe, kuhle zivuvuzelwe ushukela. Lesi sithelo sinovitamin C omkhulu futhi siqukethe ama-amino acid ukuba ne-acid eningi kwenza ukuthi sibe sihle ekwenzeni ojamu. Isihlahla esiyimfukumfuku esinameva sidumile ekwenzeni uthango.

Monkey Orange (Umhlali)

Lesi yisihlahla esincane esinameva esimila ezifundeni eziwuthungulu noma ezisathungulu e-Afrika futhi sithela isithelo esiqinile esiphuzi esingangewolintshi. Umongo walesi sithelo udliwa ungaphekiwe, womisiwe noma kwenziwe ngawo ujamu noma iwayini, kodwa izindumbu ziwushevu.

Sour Fig (Umgongozi)

Isimila esinsobonsobo esinaba phansi esiyindabuko eNtshonalanga Kapa, umgongozi wenza ojamu abamnandi futhi utshalelwa nokusimamisa inhlabathi nasezivandeni okongiwa kuzo amanzi. Inkovu yamaqubunga awo ilapha izisihla zelanga, imihuzuko nokulunywa.

Umthunduluka Obomvu

Lesi sithelo esimuncu esihlahlamisa umzimba sitholakala esihlahleni esincane esinameva, uvame ukutshalwa ubewuthango. Udliwa ungaphekiwe, uyisithelo esinovitamin C omkhulu futhi amafutha embewu yawo ayisithako sezimonyo ezinjengelipstick nezinsipho.

Translated by Zoza Shongwe