IMango eNingizimu Afrika

© Westfalia Fruit

Imango lingatshalwa ngezinhlobo zezulu ezahlukahlukene kusuka ezishisayo kuya ezomileyo. Ubuningi bezimango zaseNingizimu Afrika zivela endaweni yaseHoedspruit esifundazweni saseLimpopo. Yize imimango itshalwe lapha eNingizimu Afrika amakhulu eminyaka, ukutshala kwemango kuye kwasungulwa kuphela esiFundazweni saseWestern Cape phakathi nekhulu lama-21. Lokhu kusize ukwelula isikhathi semango kuze kube sekupheleni kukaMeyi njengoba iWestern Cape yaziwa ngezinkathi zayo zezithelo zakamuva uma iqhathaniswa nezinye izifundazwe ezikhiqiza izithelo ezinjengeNyakatho Kapa.

Imango liyatholakala ngesikhathi sasehlobo saseNingizimu Afrika, esiqala ngoNovemba futhi siba phezulu ngoJanuwari nangoFebhuwari. Isikhathi semango siqala ngohlobo lwama-Tommy Atkins onesikhumba esibomvu futhi siphela ngoKeitt onombala oluhlaza. Umbala wesikhumba awulona uphawu lokuvuthwa. Ukuhogela ukuphela kwesiqu semango kuzoba yinkomba engcono yokuthi sesivuthiwe. Imango elivuthiwe lizoba nephunga elizithelo.

Lesi sigaba esikhuluma ngemango sibheka ukukhiqizwa kwemango, izindlela zokulima, ukuphatha nokusebenzisa imango futhi sifisa ukugqugquzela ukusetshenziswa nokutshala kwalesi sithelo esinempilo futhi esiguquguqukayo.

Translated by Nsika Khoza

Ukuvuna kanye IMango Yokuvuthwa

Imango yisilimo esiveza ezinye okusho ukuthi izilimo ziyahlukahluka ngosayizi kusuka onyakeni kuya kolandelayo....more

Indlela Yokulima IMango

Imango yisinye isilimo esithengisayo, esingaletha isivuno esikhulu ngonyaka owodwa, sinciphise isivuno saso cishe ngama-25% ngonyaka olandel...more

Izinhlobo zeMango

Kumlimi wemango, ukukhetha isivuno sikamango okufanele sitshale kuzoncika ezicini ezifana nesimo sezulu, isikhathi sokuvuthwa...more

Ukukhiqizwa kweMango

Imango ingenye yezithelo ezivame kakhulu futhi eziguquguqukayo emhlabeni kanye nokukhiqizwa okugxilwe e-Asia, ikakhulukazi i-India ne China....more

IMango

IMango (iMangiferaindica L.) iyisithelo sikazwelonke saseNdiya, ePakistan nasePhilippines....more

Ukusetshenziswa kweMango

Inhlanyelo yemango yaseNingizimu Afrika icutshungulwa ikakhulu ibe ngama mangos, i-atchar nejusi....more