I-Cape Chamomile Oil

© Peganum
ICape Camomile (Eriocephalus Punctulatus) ingenye yezimila zecamomile ezaziwa kancane ezisetshenziselwa amafutha azo alaphayo. Abafowabo abadume kakhulu okukhandwa ngabo amafutha okwelapha amacamomile aseJalimane nawaseRoma, kodwa iMaroc camomile nayo iyasetshenziswa. Empeleni kayiyona “icamomile” kodwa ukuba khona kwezithako ze-alzunic kuyona yikho okwenza amafutha ayo abeluhlaza ngengomkhathi okuwuphawu olumbandakanywa namafutha ecamomile.

Lesi simila somdabu saziwa ngephunga laso elinukisa okwezithelo nombala waso ozothe okomkhathi okhishwa (ngomusi) eziqwini nasemacembeni. Amafutha aso ayanconywa ngezithako zawo ezihlisa umoya emntwini futhi angamafutha ayintandokazi ekwelapheni uvalo, ukuqwasha nekhanda. Ngokomdabu amacembe ayebekwa ngaphansi komqamelo ukuze alethe amaphupho amahle futhi ayesetshenziswa ukususa ithunzi elimnyama ekhaya emva kwesifo.

Ilwisana nokulunywa futhi ingasetshenziswa ukwelapha imisipha nezinhlungu zamalunga ezimbandakanya i-arthritis, ineuralgia neqolo. Amafutha ayo ayasetshenziswa emikhiqizweni yokugcoba ubuso ngenxa yezithako zayo eziduduzayo neziqeda ukulunywa futhi isetshenziswe njengesinongo ekudleni ngenxa yobuduma bayo. ICape camomile itshalwa epulazini laseSkimmelberg eClanwilliam kodwa imila endle ezintabeni zaseMpumalanga Koloni naseFuleyistata.

IRoman chamomile itshalwa ngokwemvelo epulazini iPhandulwazi eTyume Valley, duze naseHogsback esifundeni saseMathole. Izithombo zayo akulula ukuzitshala futhi zisheshe zizwele uma ziniselwa kakhulu. Amacembe avunwa kanye ngonyaka futhi avunwa ngesandla. Ithanda izindawo eziphakeme, ezipholile.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Zoza Shongwe