Amazinga Okungabuni Kwezithelo Zomdabu

© Louise Brodie
Ucwaningo oluhlaba umxhwele luhlole izithelo eziyishumi zaseNingizimu Afrika, luhlola isithako sokungabuni lwase luziqhathanisa neblueberry kanye cranberry. Amandla okungabuni abesuka phezulu kuya phansi: umgwenya, umnquma, imbulunyathi, iblueberry (umsobo waseMelika), iChrismas berry, ilalanyathi, umdoni, icranberry (ijikijolo likadoye), itortoise berry (ummaba), ibietou (inkupheyana), inum num (isibethankunzi), sour fig (umgongozi).
Iblueberry necranberry enothe ngezithako zokungabuni zikleliswa enombolweni ka-5 no-9, ngokulandelana kwazo. Kwakhonjiswa ukuthi ukudla nje ingcosana ewu-25 g womgwenya, indoni, isibethankunzi noma umgongozi kungakhuphula isithako sokungabuni osidla nsukuzonke. Zonke lezi zithelo zidliwa ngokomdabu imiphakathi yasemakhaya eNingizimu Afrika.
Izithako zokungabuni zihlomulisa umzimba ngokuzungeza nokususa izicubu ezifile egazini.
Ukufaka iziqedakubuna eziningi ekudleni kungavikela umzimba ezinkingeni zenhliziyo, ihlo nengqondo yokukhumbula izinto futhi adala nokwenama enhliziyweni bese enciphisa izifo.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Zoza Shongwe