Umthunduluka Obomvu Isihlahla Esithelayo Esiyigugu

© Bernard Dupont
Lesi sithelo esiwu-3.5 cm esibomvana esigcwele inkovu sibizwa ngokuthi iXimenia caffra kodwa futhi saziwa ngamagama ajwayelekile isourplum, groot suurplum, umthunduluka obomvu, umorokologa, iTsengeni, motshidi, ipepo, mutanzwa namanumbilo.
Isihlahlana esinameva emachosheni siyamila naseMelika futhi saqanjwa ngendela elinguMspanishi (Spanish) uFrancisco Ximenez. Ingxenye ethi ‘caffra’ isuselwa egameni elidala lendawo yaseMpumalanga Koloni-iKaffraria. (iXimenia caffra ingadidaniswa kalula neXimenia americana kodwa amacembe eX. americana aluhlaza sakubazulucwathile bese izithelo zibaphuzi esikhundleni sokuba bomvu).
Lesi sihlahla esithi asibe ngusidlangandoda singatholakala ezingxenyeni ezisempumalanga ne-Afrika eziwuthungulu lapho esikhula ngamandla uma sithintene nezimpande zezinye izihlahla. Sithanda izindawo ezihlatshwa yilanga, siyamelana nesomiso futhi siyamelana nesithwathwa esisendimeni.
Izithelo ezimuncu kodwa eziphaphamisayo ziyathandwa yizinyoni, izilwane (ngisho indlulamithi nezinyamazane) nabantu, abenza ngazo ujamu namadessert. Ithunduluka elingaphekiwe limnandi uma lidliwa selithe ukuvuthwa kakhudlwana, uma selomile kancane selinambitheka njengeprune. Limise okwephulamuzi futhi lihluka ngombala kusukela kophuzi kuya kobomvu ngokushubile, ithunduluka likhiwa ngenkathi yezimvula zasehlobo kusuka ngoLwezi kuya kuNdasa. Izihlahla zawo zithela u-15-17 kg wezithelo ngonyaka.
Izithelo zivame ukucwiliswa emanzini bese indumbu iputshuzelwa ngaphandle, ixutshwe namadumbe bese kuyaphekwa kwenziwe isigwamba. AmaZulu akhamela izithelo emanzini-le nkovu iyabiliswa bese ixutshwa nempuphu ukuze kwenziwe idokwe elimuncu. Ithunduluka linovitamin C omningi nepotassium (K) futhi liqukethe amaprotein. Isithelo sawo siqukethe imbewu eyodwa enambitheka kakhulu eno-65% wamafutha. Amafutha awo ayasetshenziswa ezimonyweni nasekushukeni izikhumba zezilwane.
Zingaphezu kuka-60 izifo zabantu nezezilwane ezilashwa ngomthunduluka ngisho izifo zocansi nomalaleveva. Okunye okwelashwa ngomthunduluka: ukudambisa ubuhlungu bamehlo nozagiga (ngembiza yamacembe) uyikhambi lohudo (ubeyisichonco sezimpande) ulaphe isisu nesichenene (ngesichonco sezimpande namacembe). Impande egayiwe ilapha izilonda, izifo ezihlobene neTB futhi uma uthelwe otshwaleni ubangumvusankunzi, ekubeni amacembe agayiwe adume ngokulapha ubunyumba nokuqeda umkhuhlane.
Ithunduluka litshalwa ngembewu ku-5.1 wengxube yesihlabathi nomquba.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Zoza Shongwe