Umhlali Kusukela - eMculweni kuya kumaWayini

© Bernard Dupont
Umhlali (Strychnos spinosa) yaziwa futhi ngokuthi iklapper, morapa, umkwakwa, iNsala, muramba nemonkey orange.
Isihlahla somhlali simila sodwa, sikhula kusukela sisincane sibe sendimeni phakathi kuka-1 no-9 m ukuphakama. Sinameva, sinexolo elixexebukayo neqabunga elicwebezelayo, elicishe libe yindilinga. Umhlali uthanda inhlabathi eyomile ehlanzeni, ezinsebeni zomfula, esihlabathini sehlathi nasehlanzeni elisogwini ezifundazweni zaseMpumalanga Koloni, KwaZulu-Natal naseLimpopo.
Kunolunye uhlobo lwesihlahla esihlobene nomhlali, leso sihlahla umhlali oxolo lintofontofo (iStrychnos cocculoides) ucwaningiwe futhi ukuthi ungathuthukisa kanjani umnotho wemizi yasemakhaya. Kungafani naseNingizimu Afrika, umhlali oxolo lintofo utshalwa kakhulu eMalawi, Mozambique, Tanzania, Zambia naseZimbabwe.
Ihlali ubukhulu balo bungangegrapefruit, linuka kamnandi futhi limuncu ngokubamtoti, linesisindo esiwu-0.45 kg. liyimbulunga, linegobolondo eliyigqinsi, eliluhlaza, eliguquka libephuzi sakubansundu lapho livuthwa. Linezindumbu eziningi ezinkulu ezizungezwe ubuthumbu obunephunga elizwakalayo elimnandi.
Ngenxa yokunambitheka, ihlali liwukudla okuyigugu emphakathini yasemakhaya. Amahlali adliwa uwonkewonke, izingani nabadala futhi akhiwa ekuqaleni kwenkathi yawo yonyaka (ngaphambi kokuvuthwa) ukuze alondolozwe. Ihlali elivuthiwe ligcineka kahle ngenxa yegobolondo lalo elibukhuni. Lokhu kulenza libe lihle ekuthuthweni amabanga amade. Amazhlali agqitshwa esihlabathini phakathi kwemizi ukuze ubuthumbu buvuthwe bubewuketshezi.
Ihlali lingadliwa lingaphekiwe noma lomiswe elangeni ukuze kwenziwe imiqwebu, ujamu nenkovu noma iwayini. Ihlali linamavitamini amakhulu awu-C no-B, kodwa izindumbu zehlali ziwushevu.
Ukhuni lomhlali kubazwa ngalo futhi kwenziwe nezigxobo, ixolo, izimpande noma ihlali elingakavuthwa kulashwa ngakho isihlungu senyoka ngenxa yesithako sestrychnine. Amacembe agayiwe angalapha izilonda, bese imbiza enamandla yezimpande ilapha izimpawu zomkhuhlane. Amaqabunga aluhlaza ayagaywa ebeyinhlama yokulapha izilonda bese amanzi akhanywe emacembeni angafafazwa njengesibulala-nambuzane semvelo sokulwa nezimpukanyana namazeze.
Amacembe kungondliwa ngawo imfuyo bese amagobolondo (emva kokukhishwa kwezindumbu) avame ukubazwa futhi athengiswe njengomhlobiso noma asetshenziswe njengomtshingo womculo. izihlahla zomhlali kunzima ukuzitshala ngezindumbu, ngakho-ke kungcono ukuwatshala ngokuwuxhumelela komunye umuthi(grafting). Igrafting ukuxhuma ndawonye izingxenye ezimbili ezimithi. Umhlali ulukhuni, uthanda ukumila elangeni kodwa uyazwela esithwathweni. Wenza oluhle uthango noma umngcele wensimu.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Zoza Shongwe