Umbola Isithelo Esimnandi
© Bio-Innovation Zimbabwe
UMbola (iParinari curatellifolia) yaziwa ngokuthi isihlahla esisisizayo (ngoba amaxolo aso enza umsindo othi siiiii uma sinqunywa), igrysappel noma bosappel, Mmola, Mbulwa, Mobola, Muvhula noMkhuna.
Ukuma kwaso njengekhowe isihlahla sombola kuyasigqamisa lapho esimila khona, ezigangeni-zaseZimbabwe naseMpumalanga naseLimpopo, izifundazwe zaseNingizimu Afrika. Uyisihlahla esinamacembe ambala mibili (ingaphansi lawo limhlophe sakuba yisiliva) futhi siqhakaza izimbali ezinuka kamnandi ezimise okwecilongo kusukela ngoNtulikazi kuya kuLwezi. Izimbali zikhiqiza umpe oluningi nempova eningi yokondla izinyosi ngakho-ke udumile kubafuyi bezinyosi.
Uyisihlahla esikhulu esinexolo elintofontofo, uthela isithelo esingangephulamuzi esinomongo odliwayo ophuzi. Isithelo esivuthiwe siyadleka siluhlaza, somile, siphekwe njengephalishi, siyinkovu noma siwutshwala obuvutshelwe. Indumbu egcwele amafutha iyadliwa iyodwa (inambitheka njenge-almond), iyagaywa kwenziwe ngayo isobho noma ihlanganiswe nezitshalo eziphekwayo.
Amafutha akhanywe ezindunjini kuphekwa ngawo. Ixolo lombola namanzi akhanywe emacembeni kulapha izimpawu zenyumoniya, ukususa ulwelwesi emehlweni nobuhlungu bendlebe. Amacembe agxotshiwe angasetshenziswa ukubopha ithambo elephukile noma ukubhinyika nasekwelapheni ukuvuvuka namanxeba.
Ukhuni lombola luqukethe isilica eyenza kubenzima ukulusebenzisa, kodwa luqinile futhi kwenziwa ngalo izinsika zezimayini, izigxobo, nezihlenga.
Uyisihlahla esithanda inhlabathi eyomile esasihlabathi (futhi ene-acid) bese ungezwani nokubanda nomoya.
Isexwayiso Sezokwelapha
Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.
Translated by Zoza Shongwe