Ukutshala iSipinashi

© Eric Miller

Ukusabalalisa

Ukusabalalisa kuvela kumbewu.

Indlela Yokutshala

Ukuhlwanyela okuqondile kuyenziwa futhi ukunciphisa kungenziwa ukuze kuqinisekiswe indawo evulekile efanele. Ukutshala ngomishini kwenziwa kanye ukuqinisekisa indawo evulekile efanela kusukela ekutshaleni. Imbewu kufanele itshalwe amamilimitsha angamashumi amabili ukujula. Izithombo nazo zingahlwanyelwa kumathileyi embewu futhi zitshalwe uma zikhula zibe ngamasentimitha ayishumi.

Indawo evulekile

Izitshalo kufanele zihlukaniswe ngamasentimitha ayishumi kuya kumashumi amabili ngaphandle kwemigqa engamasentimitha anagmashumi amathathu eceleni. Lokhu kufana nezitshalo ezingaba ngu-160 000 + ehektheni ngalinye. Abalimi bezentengiselwano abavuna ngomshini batshala ndawonye ngamasentimitha ayishumi nanhlanu ngamasentimitha angamashumi amabili nanhlanu okunikeza izitshalo eziyi-250 000+ ngehektha ngalinye.

Isikhathi Sokuhlwanyela

Nakuba isipinashi singatshalwa unyaka wonke uma isimo sezulu siqondile, eNingizimu Afrika kunezikhathi ezimbili zokuhlwanyela ezisetshenziswayo. Kusukela ngoMasingana kuya kuMbasa lapho izinga lokushisa ehlobo lingekho phezulu kakhulu njalo ubusika bungabandi kakhulu futhi ngoNcwaba kuya kuZibandlela ngaphambi kokuba amazinga okushisa afudumele kakhulu.

Isikhathi sokukhula

Ukuvuna amaqabunga okuqala angaphandle kungaqala ngezinsuku ezingamashumi ayisithupha kuya kwezingamashumi ayisikhombisa kusukela ekutshalweni. Ukuqinisekisa isivuno esiphezulu Isipinashi sidinga i-nayithrojeni enhlabathini phakathi nesikhathi sayo sokukhula.

Isivundiso

Ngaphambi kokutshala lapho inhlabathi isilungiswa, ihlanzwa futhi ifakwa umquba kufakwa amakhilogramu angamakhulu amahlanu kuya kunkulungwane we-nayithrojeni, ifosifiti ne-Potassium njengengxube 2: 3: 2 kufanele ifakwe enhlabathini ephezulu. Emva kwalokho, u-250 khilogramu we-LAN kufanele ufakwe emavikini amahlanu kuphindwe futhi amasonto ayisishiyagalombili kusukela ekutshaleni. Ukusetshenziswa kwemanyolo wezinkukhu ophezulu kwandisa isivuno.

Ukunisela

Nisela emva kokutshala futhi emva nje kokuhluma. Ngenyanga yokuqala yokukhula kwesitshalo inhlabathi kufanele ihlolwe njalo ezinsukwini ezimbili ukuqinisekisa ukuthi akukho ukucindezeleka komswakama emhlabathini. Emazingeni okushisa aphezulu uma inhlabathi isomile ngokushesha, ngesonto noma ngisho nangesonto kabili ukuchelela kumele kwenziwe. Ezindaweni ezipholile ukuchelela kungathathwa kuze kube yizinsuku eziyishumi. Isipinashi sinesimiso esingajulile sempande futhi sizwela ukucindezeleka kwenhlabathi. Kubalulekile ukuhlola ukunyakaza komhlabathi okungenani kabili ngesonto.

Translated by Nsika Khoza