UkuPhathwa kwesitshalo seSipinashi

© Eric Miller

Ukushintshanisa izitshalo

Kuwumkhuba omuhle wokushintshanisa izitshalo lapho ukhiqiza isipinashi ukuvimbela izilokazane ezikhathazayo nezifo zesipinashi. Shintshanisa namathanga, ubhontshisi, uphizi, ulethisi, utamatisi, amazambane kanye neklabishi.

Ukukhiqiza - amathani ngahektha

Isilingansio sokumbalwa: amathani ayishumi nanhlanu
Isilinganiso esingaphakathi: amathani angamashumi amabili
Isilinganiso esihle: amathani angamashumi amathathu kunyuka

Ukuvuna

Ukuvunwa kuvamise ukwenzwa ngesandla esinommese obukhali noma isikela encane eziqhingini ezincane noma imisebenzi yokulima. Lokhu kuvumela abalimi ukuba bavune isikhathi eside futhi ngaleyo ndlela bakhulise isivuno. Sika kuphela amaqabunga angaphandle amamilimitha angamashumi amane ngaphezu komhlaba. Lokhu kufanele kwenziwe njalo ukukhuthaza ukukhula futhi ngaleyo ndlela ukwandisa isivuno. Emabhizinisini amakhulu okulima okuhweba lokhu ngezinye izikhathi kwenziwa ngomshini. Kulezi ezinkulu izitshalo nazo ziningi.

Isitoreji

Isipinashi asigcineki kahle futhi kufanele sigcinwe endaweni epholile ngokuphuthuma ngemuva kokuvuna. Imiphumela ibangcono kakhulu ekushiseni okungamzingakushisa amane nomswakama ohleli ku-85%. Isipinashi kufanele sigcinwe ngaphansi kwesiqandisiso izinsuku eziyisikhombisa ngaphambi kokusetshenziswa ukuqinisekisa umkhiqizo wekhwalithi. Ngakho umkhiqizo kumele ufike kumthengi ngokushesha ngemuva kokuvuna.

Izilokazane ezikhathazayo

Umswenya, Iminenke, okuphila emhlabeni nasemanzini, ama-Slugs, i-Hawaiian Beet Worm, ama-Loopers, ama-Leaf Miners namacimbi.

Izifo

Ibala emaqabungeni,isigoco seSipinishi, igciwane le-Mosaic nesikhunta.

Translated by Nsika Khoza