Ukutshala Iklabishi

© Louise Brodie

Ukusabalalisa

Kusukela kumbewu.

Indlela Yokutshala

Ukuhlwanyela ngokuqondile kungenziwa kanye nokutshala izithombo. Izwe kufanele lihlanjululwe futhi litshalwe ngokujula kuka-450 kuya ku-600 mm cishe ngenyanga ngaphambi kokutshala, inhlabathi kufanele ifakwe umuthi wokuvikela ngaphambi kokutshala uma kunesidingo. I-50% yemfuneko yesondlo kuyomele ifakwe nje ngaphambi kokutshala futhi ilinywe ukuze ulungiselele ukutshala.

Indawo evulekile

Izitshalo ezinkulu kumele zihlukaniswe ngamasentimitha angu-400 emigqeni engu-700mm eceleni. Lokhu kufana nezitshalo ezingaba ngu-40 000 kuya ku-50 000 ngehektare. Izitshalo ezinesilinganiso samakhanda aphakathi kufanele zihlukaniswe 300mm eceleni emigqeni engu500mm eceleni. Lokhu kufana nezitshalo ezingaba ngu-60 000 kuya ku-65 000 ngehektare.

Isikhathi Sokuhlwanyela

Hlwanyela emathileyini embewu endlini nganoma yisiphi isikhathi sonyaka.

Isikhathi Sokutshala

Ukutshala izithombo kwenzeka ngezinsuku ezingaba amashumi amathathu emva kokuhlwanyela lapho izithombo zingama-100mm ubude. Iklabishi ingahlwanyiswa unyaka wonke eNingizimu Afrika ngaphandle kwezindawo ezithola isikhathi esibandayo noma ezibanda kakhulu.

Isikhathi Sokukhula

Izinsuku eziyi-100 kuya kwezingu-120 kusukela ekutshalweni.

Isivundiso

Ukuze uqiniseke ukuthi izidingo zesondlo zanele,ukuhlolwa kwenhlabathi kufanele kwenziwe. Iklabishi idinga isondlo esiningi futhi ukuhlanganisa umanyolo ojwayelekile ngomquba kuzoletha imiphumela emihle. Izivundiso zemvelo nazo zingasetshenziswa
Isiphakamiso esiphezulu: Ngaphambi kokutshala, qatha okungenani okungu-1000 kg we-2:3:4 (27) ukuqinisekisa ukuthi izitshalo zizohluma kahle.
Bese usebenzisa izambatho eziphezulu zenayithrojeni emigqeni yezitshalo.
Amasonto amabili emva kokutshala - 250 kg LAN ngehektare
Amaviki amane emva kokutshala - 350 kg LAN ngehektare
Amaviki ayisithupha emva kokutshala - 500 kg LAN ngehektare
Ungafaki isivundiso ngesikhathi sokuphuza ngoba lokhu kungabangela izinhloko ezihlukene noma ezikhubazekile.

Ukunisela

Nisela izithombo kanye ngosuku enyangeni epholile futhi kabili ngosuku phakathi nezinyanga ezishisayo kuze kube yilapho sezilungele ukutshala. Nisela nokumanzisa indawo yokutshala ukuze izithombo zingatshalwa emhlabathini omanzi. Uma sezitshalwa ngokushesha chelela ukuze izitshalo zikwazi ukuhlala endaweni yazo entsha. Ngemuva kwaloko, unisela phakathi kwamanzi angu-30 no-40 mm ngesonto kuya ngo kokushisa nomhlabathi.

Translated by Nsika Khoza