Iklabishi

© Louise Brodie
Igama lesayensi: Beta vulgaris var. cicla
Igama elivamile: Iklabishi

Incazelo Yesitshalo

Amaqabunga aluhlaza egoqene eduze kwesiqu esifushane okwenza ibhola eliphakathi noma ikhanda. Izimpande zivela kusiqu noma ilungu leqabunga.

Ukusetshenziswa

Kungenziwa kuphekwe noma kusetshenziswe kuluhlaza njengesaladi. Isitshalo sonke singadliwa.

Izidingo Zomhlabathi Nokulungiselela

Iklabishi ingakhula emhlabathini omningi ohlukene kodwa ikhula kahle emhlabathini owenziwe kahle, onomswakama,ifenya enesondlo somvelo. Akukhuli kahle enhlabathini ene –esidi kakhulu. Izindawo ezihamba kahle zomhlabathi i-pH isuka ku-5.5 kuya ku-6.5 futhi akufanele ivunyelwe ukuba iwe ngaphansi kwa-4.5. Emhlabathini ene-pH ngaphezu kwa-6.5 amaqabunga abe mnyama kodwa abuyele emuva. Izitshalo ezindaweni zenhlabathi ezinosawoti nazo ziyakwazi ukuthinta isifo se-blackleg.

Isimo sezulu

Ikhula kahle kunesimo sezulu esipholile nesimanzi. Amaqabunga ahlukaniswe ngokucacile futhi ikhwalithi yekhanda ayitholakali ezindaweni ezomile.Ubunandi nabo bulahlekile ngaphansi kwezimo ezinje. Inzalo kanye nekhwalithi kwehla ehlobo futhi kunzima nokulawula izilokazane ezikhathazayo. Amazinga okushisa afanele avela ku-18 kuya ku-20. Iphikisana neqhwa futhi ingakwazi ukusinda amazinga okushisa aphansi kwamathathu ngaphandle kokulimala. Iklabishi ivumelana nezimo ezihlukahlukene zezulu futhi ingatshalwa unyaka wonke ezindaweni eziningi.

Ubude Bosuku

Kungatshalwa unyaka wonke kodwa ikhwalithi ingehla ezindaweni ezomile, ezifudumele.

Izilimo

Izinhlobo eziningana zeklabishi zihlukaniswa ngesimo sekhanda. Izinketho zonyaka ezilandelayo:
Ikwindla kanye nentwasahlobo – i-Conquestador ne-Gladiator
Intwashlobo nehlobo ephuzile - i-Tenacity kanye ne-Conquestador
Ekugcineni kwehlobo - i-Hercules, i-Drumhead ne-Grand Slam
Ekugcineni kwehlobo kuya ekwindla – i- Megaton
Zingabuye zihlukaniswe ngokusho kombala wazo. Amaqabunga angaba hlaza noma abomvu futhi abushelelezi noma eshwabene. Izinhlobo eziqinile zibekezelela izimo ezibandayo futhi zinamamaqabunga ashwabene amnyama.

Translated by Nsika Khoza