Angazi ukuthi ngiyophinde ngibe yimina futhi mhla yashona indodakazi yami uPhyllis. Kungathi komunye umlenze ngimi ngoNkulunkulu, komunye ngimi ngoPhyllis. WuPhyllis owangisiza ngakha umuzi wangithengela nesitofu ngesikhathi esasebenza, kanjalo nama-tile nobhavu nosinki wokugeza, namanje okusahleli, kungafakiwe.
Emasontweni ambalwa adlule, uPhyllis wabuya ekhaya efuna ukuzoshonela khona emzini wami. Ayekusho wukuthi ufuna ukuba nami, unina wakhe. Bengimfunza, ngimgeza, ngimduduza, ngimnakekela ngaso sonke isikhathi. Sasilala naye embhedeni wami. Kwakunzima kimina ukuthi ngihambe ngimshiye, ngoba ngicabanga ukuthi uzokwenzenjani uma edinga usizo.
Usephindaphinde lawa magama kaningi: 'Yinde le ndlela ma futhi kumele ngiyihambe ngedwa kodwa sengikulungele ukufa manje. Ngiyavuma ngoba angilulami. Umuntu nje engikhathazeke ngaye, uwena kuphela. Uzoba yini nje? Imali yona yokungcwaba izoqhamuka kuphi?' Bengimbona uma engibuka ecabanga ukuthi angimboni, ngimbone kwehla izinyembezi esihlathini sakhe, ngiyazi ukuthi ukhathazekile ngami. Ngicabanga ukuthi useziqinisela mina nje. Lokho akumlungele. Kubuhlungu kimina.
Ngaya kwezinye izalukazi, ezingabangani bami, ezihlala eduze, ngiyozicela ukuthi azikhulume noPhyllis zimtshele ukuthi kungcono ayofela esibhedlela kodwa bukhulu ubuhlungu engangibuzwa ngimbona ebangwa nezibi. Lezi zalukazi zangisiza. Zamchazela ukuthi akavume ukuya esibhedlela, ngempela wavuma.
Phambilini njalo uma esesibhedlela, bengiba nomzwangedwa, ngicabanga ukuthi kuzoba njani uma eshona. Kodwa manje omakhelwane sebekulungele ukungivakashela, bezokhuluma nami bebuze nokuthi kuhamba kanjani kuPhyllis. Bangiphathela nokudla. Amalungu ebandla azofika emngcwabeni wakhe.
Manje sengithole odadewethu kwi-GAPA. Lolu wudaba lwangempela. Ngaze ngakufisa ukuthi umama wami usaphila ukuzwa udaba lwami. Ngizokhombisa umzukulu wami uJulitte ukuze ezobona ukuthi ugogo wakhe udlule ebunzimeni obunjani obuhambisana nobuhlungu, ekugcineni ngingumnqobi.